ABANTU abaningi basebenzisa amaholidi okuvalwa kwezikole ukwenza isikhathi esimnandi sokuphumula komndeni. IWild Coast Sun okuyihotela elizakhele udumo ngokuba nezinhlelo ezahlukene zokungcebeleka ezifanele izingane kanjalo nabantu abadala. Babodwa abafika kule ndawo ngenhloso yokuzama inhlanhla emishinini, abanye bathanda imidlalo yamanzi nokuphola elangeni, kati abanye bathanda izithuthuthu ezihamba emahlathini nobumnandi bomculo nomdanso ebusuku. Le ndawo ingaphansi kweSun International futhi iyona ehamba phambili ngemidlalo eminingi yasemanzini e-Wild Waves Water Park kuya emachibini okubhukuda ehhotela - kanye nasemfuleni uMtamvuna. .
Izinhlelo zempelasonto yePhasika
Impelasonto yePhasika izojabulisa omuntuza nge-Easter Kids Disco Bash ngoMgqibelo, 19 Ephreli 2025. Leli hhotela lithembisa intambama egcwele ubumnandi yemidlalo, umculo, ukudansa, nemiklomelo ebabazekayo, kusukela ngo-3 ntambama kuya ku-6 kusihlwa e-Squawkers Cove. Izovulelwa izingane ezineminyaka engu-12 nangaphansi. Ukungena kumahhala kodwa kudingeka izibalo esiqondile sabantu, ngakho-ke ofika kuqala, uzothola isikhala sokungena kuqala.
Umdlalo wokucinga amaqanda ePhasika
Omuntuza bazoba nesikhathi esimandi sokucinga amaqanda ePhasika angu-2 500 afihlwe endaweni yokungcebeleka ngeSonto. Nakulokhu kudingeka izingane ezineminyaka engu-12 kuya phansi ukuze kube nokuzingela okukhulu ngeSonto. Lo mdlalo uzoqala ngo-12 emini kuya ku-1 emini ngakho bayeke balale ebusuku. Kuzobe kukhona amaGolden Egg ayisithupha kanti noma ngubani onenhlanhla yokuthola eyodwa kulawa uzohlomula isamba sika-R1 500 kumavawusha eMagic Company.
U-André The Hilarious Hypnotist
Umndeni wonke ungajabulela umbukiso no-André The Hilarious Hypnotist - uzobe esehhotela impelasonto yonke yePhasika, kusukela ngoLwesihlanu, 18 kuya ngoMsombuluko, 21 Ephreli eTropical Nites Theatre. Lo mbukiso uyinhlanganisela ephelele yamahlaya ne-hypnosis, lapho izethameli ziba yingxenye yawo. Lungiselela imigilingwane emnandi, amaqhinga okugoba ingqondo, nezikhathi ezizenzakalelayo ezizokushiya ubambe ongezansi.
Imidlalo yasolwandle yonke impelasonto
Ngaphambi kwemicimbi nemisebenzi emikhulu yempelasonto yePhasika, kuzokwethulwa uchungechunge lweMidlalo Yasolwandle kusukela ngoLwesihlanu, mhla ka-28 Mashi iqhubeke kuze kube uMsombuluko, mhla ka-21 Ephreli. Joyina umcimbi no-Cell C, i-Fanta, i-Coca-Cola, ne-Bon Aqua nsuku zonke kusukela ngo-11h00 kuya ku-15h00.