IMIZUZU engu-180 kuphela esihlukanise iKaizer Chiefs nesicoco sayo sokuqala seDStv Diski Challenge (DDC) emlandweni kulandela ukuqhubeka kwayo nokungaxegisi ngesikhathi inqoba kwiRichards Bay FC ngempelasonto.
Amakhosi aqhubekile nokuqinisa isandla esicocweni okuzobe kungokokuqala esiqukula emlandweni ngokunqoba ngendlela encomekayo ka 3-1 kwiNatal Rich Boys ngoMgqibelo eDobsonville Stadium, eSoweto.
Ngenxa yemiphumela yangempelasonto iChiefs isidinga amaphuzu ayisithupha kuphela ukudla isicoco emidlalweni emithathu eyisalele ngaphambi kokusongwa kwesizini.
Leli qembu eliphekwa uVeli Khumalo liqhwakele ngamaphuzu angu-61 emidlalweni yeligi engu-25. Endaweni yesibili kuhleli ompetha bangesizini edlule iStellenbosch FC esele ngephuzu.
IStellies elukhu iwushubise njalo umbango wesicoco inqobe umdlalo wayo kuMaZulu FC ngo 2-0 ngawo uMgqibelo e-Idas Valley Stadium, eKapa.
Yize zilokhu ziwushubise njalo ezaseKapa kodwa ukwazi ukuthi iChiefs isele kuzona ngomdlalo owodwa kwenza kuye ngokuya kucaca ukuthi ekugcineni lesi sicoco sizongena ekhabetheni laseNaturena emasontweni ambalwa ezayo.
Nakuba kucaca ukuthi isicoco siyaphephuka kuleli qembu eselisidle amahlandla amabili kusukela ngesizini ka-2021/2022 kuya kwedlule kodwa imiphumela yakamuva ikhombisa ukuthi alizimisele ngokuyithambisela nakancane iChiefs.
Isiyonke imiphumela yeDDC ngempelasonto edlule ihambe kanje:
NgoMgqibelo
Kaizer Chiefs 3-1 Richards Bay FC; Chippa United 2-2 Magesi FC; Lamontville Golden Arrows 2-1 Polokwane City; Stellenbosch FC 2-0 AmaZulu FC; Orlando Pirates 0-1 Mamelodi Sundowns.
NgeSonto
Marumo Gallants 6-2 SuperSport United; Sekhukhune United 0-0 Cape Town City.