I-SOUTH African Football Association (Safa) ivumelane neMamelodi Sundowns ngokuthi u-Asekho Tiwani uzosala kwelase-Egypt uma sebeqedile ne-Al Ahly kwazise usedingeka nakakhulu kuMajita njengoba ezoqala i-U/20 Africa Cup of Nations (Afcon) ngeSonto, ngaphandle kwezinye izethenjwa.
Leli qembu elingazange libathole bonke abadlali ebelibamemele esikwatini ngenxa yezithathu ezehlukene, liyaqala ku-Group A ne-Egypt ngeSonto ngo-8 ebusuku, eCairo International Stadium.
Amanye amazwe akuleli qoqo yiZambia, Tanzania neSierra Leone.
ISundowns, enomdlalo omqoka womlenze wesibili wowandulela owamanqamu weCaf Champions League ne-Al Ahly namuhla ngo-6 ntambama enkundleni efanayo, izobuyela emuva ngaphandle kukaTiwani ozosala eCairo, ajoyine leli qembu likaRaymond Mdaka.
Uyena lo mqeqeshi oqinisekise indaba kaTiwani ngesikhathi ekhuluma nethimba leSafa labezindaba.
“Ubudlelwano obuhle beSafa neSundowns busisizile ukuthi okungenani siye kulo mqhudelwano noTiwani ongukaputeni wethu kwazise ngeke sibathole bonke ebesibafuna,” kusho uMdaka.
“Siwulungele umqhudelwano wonke yize sazi ukuthi kumqoka kangakanani ukuqala kahle uma ubhekene neqembu lesizwe okuyilona elisingethe umqhudelwano,” kusho yena.
Nakuba kumphazamisa uTylon Smith (19) ukungabibikho kwabadlali abafana noMbekezeli Mbokazi we-Orlando Pirates noShandre Campbell odlalela iClub Brugge yaseBelgium kodwa akumfaki itwetwe.
“Ukungabibikho kwabo kufanele sikusebenzise njengesikhuthazi nokuthi konke esikwenzayo sikwenzela nabo,” kusho lesi sitobha seStellenbosch FC ebesiyibamba noMbokazi emuva.
“Kuzowuphazamisa umgqigqo ukushintsha abadlali ikakhulukazi abasemuva, okuyinto esidle ngayo kakhulu kodwa isimo siyaphoqa futhi kuvuleka nethuba kwabanye.
“Bonke abadlali abasesikwatini kubafanele futhi angicabangi ukuthi kubona kukhona ongakulungele ukungena enkundleni uma umqeqeshi embiza.
“Sizokwenza konke okusemandleni ukujwayelana ngokushesha thina esidlala emuva ukuze kungabonakali kalula ukuthi kukhona esikushintshile.
“Siya emdlalweni ngokuzethemba nokwazi ukuthi sinawo amava okuyinqoba i-Egypt,” kusho uSmith, owayeyingxenye yaMajita adla isicoco seCosafa Cup ngo-Okthoba wonyaka odlule.