BAFUNA kwenzeke ubulungiswa ngothishanhloko nomseshi basoLundi, ababasola ngokusebenzisa amandla abo ukuqinela umgilwa, bamsulisa icala kungafanele.
Umgilwa, uMnuz Ndumiso Manzini (34) waseMdumezulu, oLundi, okuthiwa usesibhedlela, usanda kunqunywa izinzwane ezintathu nenye ingxenye yonyawo, okuthiwa bese kunezimpethu.
Elandisa ngesigameko udadewabo, ocele ukungadalulwa, uthe isigameko sokuhlaselwa kukaManzini senzeka ngoDisemba 29, 2024.
“Uthishanhloko wafika ehamba nabanye abathathu, bashaqa umgilwa, bayomshayela endaweni engahambi bantu. Kuthiwa bemshaya, babembuza ukuthi uzishonisephi izimpahla (zikathishanhloko),” kusho udadewabo.
Uveze ukuthi umgilwa ubevamise ukuwasha imoto kamsolwa neyomkakhe, bese beyamholela okuncane, wathi umgilwa wabatshela ukuthi wayelokhu echaze njalo ukuthi akazazi yena izimpahla.
Uthe izimpahla uthishanhloko ayethe zebiwe kwakuyithelevishini, laptop, amateki nokunye.
“Uthishanhloko wamconsisela ngo-plastic ovuthayo ezinyaweni zombili kodwa olwalimala kakhulu olwangakwesobunxele,” kubeka udadewabo.
Uthe likhona icala elavulwa emaphoyiseni emva kokwenzeka kwesigameko, umgilwa agcine elisula phakathi noJanuwari ngenxa yengcindezi.
“Ngithole ukuthi izihlobo zikathishanhloko zifike nomseshi ekhaya, ukuzoxoxa nomgilwa ngecala. Zibona ukuthi akayingeni, zigcine zixoxa nesihlobo esikhubazekile, zasikhohlisa ngo-R10 000. Kube sekubuya umseshi esezolanda umgilwa, kwayiwa enkantolo kumshushisi ukuyosula icala,” usho kanje.
Uthe umshushisi waqale wanqaba ukulisula, embuza ukuthi ulisula kanjani elimele kanje?
Uthe wabuyela ekhaya ngezinyawo, engasabonwa umseshi nezihlobo zikathishanhloko.
“Wathi uma efika wathola bemlindile, bamthethisa, bembuza ukuthi icala akabange esalisula ngani. Bamphindisa emuva nephepha lokulisula, umshushisi walisula ngempela embona ebuya isibili,” kusho udadewabo.
Uthe kuye ngokuya unyawo lulokhu luqhubeka nokubola, waze wayiswa esibhedlela lapho okufike kwathiwa akusekho okunye okungenziwa ngaphandle kokuthi lunqunywe, kusikwe indawo esibolile.
“Sifuna ubulungiswa ngoba uthishanhloko uyaqhubeka nempilo yakhe sengathi akenzanga lutho olubi. Sifuna liqalwe phansi kabusha icala, khona umthetho uzodlala indima yawo, ajeze ngokukhubaza isihlobo sethu, wangagcina lapho wasebenzisa amandla akhe nemali ukusisulisa icala singafuni,” kusho udadewabo.
Uthe ufuna kube khona izinyathelo ezithathwayo futhi ngomseshi, athe naye ube nesandla ekutheni umgilwa angabutholi ubulungiswa.
Umsolwa onguthishanhloko ozalana nomholi oqavile oLundi, ethintwa yiSolezwe uthe: “Ngicela uze kimi, angikwazi ukukhuluma nomuntu engingamazi ngalolo daba. Udadewabo (kaNdumiso) akaqale angifonele, angitshele ukuthi kukhona abazongifonela ngalolu daba, ngale kwalokho akukho ukuphawula engizokwenza.”
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela amaphoyisa engakayiphenduli imibuzo ayithunyelelwe ngalolu daba.