IKHANSELA kumasipala waseGoli elibhekelele ezokuPhepha nokuVikeleka komphakathi uMnuz uMgcini Tshwaku ubehambisana namaphoyisa ophiko lweK9 kuthungathwa abadayisi nabashushumbisa bezidakamizwa eMidrand.
Laba babhadame abasolwa abathathu erenki yamatekisi nenqwaba yezidakamizwa zohlobo lwe-crystal meth yenani likaR200k. Abasolwa baboshiwe.
UTshwaku ukhala ngokuthi kukhona abantu abakhulu okuyibona abaphethe laba basolwa okumele kuphenywa ngabo futhi baboshwe ukuzi icace impi yokulwa nezidakamizwa emphakathini.