UKUKHIQIZA izimoto ezinobuchwepheshe besimanjemanje kwenza isikhondlakhondla senkampani iFord - ebigubha iminyaka eyikhulu nyakenye yakha izimoto zikanokusho eNingizimu Afrika - silibuke ngeso elihle ikusasa.
ITow Like A Pro with the Ford Ranger ebiseGerotek, ePitoli, ingwe idle ngamabala ngesikhathi lesi sikhondlakhondla sidweba isithombe sokuthi siyibeke phambili impilo yamakhasimende ayo ekutheni ahlale ephephile.
Ebantwini abadla izambane likapondo nabasaphupha ngokuthenga iFord Ranger Raptor neFord Ranger Platinum kufanele bazi ukuthi ngeke kubelula ukuthi bahlangabezane nezingozi ezibhuqabhuqa abantu abadonsa izinqola noma ama-caravan emigwaqweni eyakhele iNingizimu Afrika.
Okwenza abakwaFord bazishaye isifuba futhi bangalibuki luvindi ikusasa lalezi zimoto izokwenza ufise ukuthi ungene kuN3 uyoyibeka eThekwini, ungezwa ukuthi ubushayela imoto engesiyona iSUV, ngenxa yokuthi izimoto zifakwe ubuchwepheshe beqophelo lesimanje obugxile ekuphephiseni impilo yomshayeli nezabanye abasebenzisa umgwaqo.
Okwenza zibe kwelinye iqophelo izimoto, ukuthi uma udilike iku-Drive, izifaka yona kuPark. Ngaphambi kokuba uthathe uhambo iyakuvezela kwi-dashboard uma ungayibophelanga inqola.
Zinesitering esincane sokuqondisa imoto nenqola uma upaka. Akudingeki usebenzise isitering esikhulu ngoba lokho ziyakwenzela. Okwenzayo ngesikhathi uhlehla kuvela kwikhamera ecace bha, awufuniseli.
Okunye ezidlisa ngakho lezi zingqovungqovu wukuthi uma inqola ithwele sivela ngokushesha isexwayiso kwi-screen ngaphambili ukuthi yehlisa ijubane ngoba izwa ukuthi ayibambelele kahle emgwaqweni okungadalwa yizizathu ezahlukene njengomoya nokunye.
Ngaphandle kwesixwayiso izehlisela ngokwayo ijubane ukugwema ingozi.
Akugcini lapho, uphinde ubone ukudansa kwenqola nokuyinto engaholela ekutheni imoto iphaphalaze.
Uma uzosika enye imoto iyakukhalima, ithimule esibukweni sangakwesokunxele ukuthi akukabi isikhathi esifanele sokuthi usike. Okunye okuhle ngalezi zimoto wukuthi zinekhamera ekundlala obala okwenzeka emgwaqweni okukuphephisa ekutheni ungene engozini.
Okunye okukhulunywe ngakho futhi kwaxwayiswa ngakho wukuthwala umthwalo ongaphezu kwesisindo semoto okuvele ukuthi kunomthelela ekuthuntubezeni amabhreki.
Kuvezwe nokuthi kwenza kube nengcindezi emathayini agcine ngokuthi adabuke kugcine sekuvalwa imizi ngobudedengu bokungalandeli indlela eyiyo egxile ku-Asiphephe.
Kuphinde kwaxwayiswa abashayeli ukuthi bangamane badonse izinqola bengenawo amalayisensi anemba ngqo ngoba lokho kuphambene nomthetho futhi kungaholelaekutheni kugcine kuba nenhlekelele yengozi.