UKHALE izinyembezi zenjabulo, ezihlangene nezosizi umndeni wakwaKhuzwayo, KwaMaqumbi, KwaMaphumulo, uthola isihlobo esantshontshwa sinezinsuku ezinhlanu sizelwe ngo-2000.
UMnuz Mxolisi Khuzwayo (25) okhule azi ukuthi unguSimphiwe Sibanisezwe Buthelezi (27), uhlangane nomndeni wakhe wangempela maphakathi nenyanga edlule.
Lokhu kwenzeke emva kokuthi omunye umndeni waKwaMaqumbi, nawo owalahlekelwa yisihlobo ngendlela ecishe ifane ngo-2006, unqwamane naye ezinkundleni zokuxhumana, efuna umndeni wakhe wangempela, athe uzwa kuthiwa usendaweni efanayo.
UNksz Bonabenza Khuzwayo, owayeneminyaka engu-12 ngesikhathi owesifazane othile entshontsha uMxolisi ezandleni zakhe, uthe lo mndeni wasendaweni, iwona obaxhumanisile.
“Ngaqale ngaba nokungabaza njengoba iminyaka yayishayisana. UMxolisi eveza ukuthi ngokukamazisi wakhe, wazalwa ngo-1998. Thina umuntu esimfunayo wazalwa ngo-2000. Kusize ukuthi ngithi akathumele izithombe zakhe, nokuthe esezithumele, wavele wafana ncamashi nathi ekhaya,” kusho uNksz Khuzwayo.
Elandisa ngesigameko uthe senzeka ngesikhathi yena nonina kaMxolisi, ongudadewabo omdala, uNksz Telma Khuzwayo beye KwaDukuza beyoshayela uMxolisi isitifiketi sokuzalwa.
Uthe okwenza yena wakhapha udadewabo ukuthi wayesentekenteke, emva kokuteta futhi esanda kushaywa isifo sohlangothi.
“Mina ngangithunywe ukuthi ngimlekelele ngokuthi ngimphathele ingane. Kwathi uma sifika emahhovisi oMnyango wezaseKhaya, sakhonjwa esibhedlela saseStanger ukuyolanda incwadi ethile eyayizosetshenziswa uma sekwenziwa isicelo sesitifiketi,” kusho uNksz Khuzwayo.
Uthe kwathi sebephuma esangweni lesibhedlela, bazithela kowesifazane owayekhulelwe, owavele wabanamathela, ekhombisa ukuba nobungani.
“Waxoxa eyokuthi naye usezolindela ukuteta, wathi unguMaZungu-Ndlovu, ebuza udadewethu ukuthi bekunjani ukuteta,” kusho uNksz Khuzwayo, othe owesifazane wahamba nabo ibanga bebheke emahhovisi oMnyango wezaseKhaya.
Uthe kwathi uma befika khona, bathola ukuthi i-system isivele yangasebenza, bayalelwa ukuthi ababhale amagama abo phansi, bahambe, babuye emva kwamahora amathathu.
“Sakhetha ukuyolinda erenki yamabhasi, lapho umama wethu ayenetafula khona lokudayisa. Lona wesifazane wayelokhu ehamba nathi, futhi nathi singasoli lutho ngoba wayesitshele ukuthi uqhuba isikhathi sokuthi kushaye ihora abathe akabuye ngalo naye esibhedlela,” kusho uNksz Khuzwayo.
Uthe kwathi sekuzophela amahora amathathu, udadewabo, wathi uzobe ehamba ngoba isifo sohlangothi senza angakwazi ukuhamba asheshe.
Uthe owesifazane, wavalelisa, ethi uzohambisana naye udadewabo, bahlukane endleleni.
“Kuthe emva kwesikhathi, wabuya owesifazane esethi, udadewethu uthe akazomthathela ingane ngoba iyafuneka emahhovisi oMnyango wezaseKhaya, ukuze ithathwe izithupha. Nathi ngokungazi lutho, umama wathi angihambe naye, kodwa ingane iphathwe yimi,” kusho uNksz Khuzwayo.
Uthe kwathi sebesendleleni, yakhala ubumayemaye ingane, owesifazane wamnika uR10, wathi akagijime angene ngaphakathi esitolo, athenge idamu ukuze ingane ithule.
“Ngaphuma engasabonwa. Ngathi ngihamba ngimpampa ngimcinga, ngazithela phezu kukamama nodadewethu, bengibuza ukuthi ingane ngiyishonisephi,” kusho uNksz Khuzwayo, othe iqiniso lokuthi akukho ngane eyayifuneka emnyangweni, lafika nodadewabo owayesebuyele kunina erenki, wafike wabuza ukuthi ingane yakhe iphi, kwathi uma unina emtshela okushiwo owesifazane ukuthi ingane ayilethwe ukuze izoshaya izithupha, wavele wathwala izandla ekhanda.
Uthe yabhekwa yonke indawo ingane ngosizo lwamaphoyisa, kwavulwa necala kodwa lutho ukutholakala.
Udalule ukuthi yena uMxolisi uze wathola ukuthi akasiye owakwaButhelezi ngo-2021, ngesikhathi owesilisa, ayezitshela ukuthi unguyise, elaxaza ngaphandle kokuveza okuthize owesifazane (uMaNdlovu Buthelezi) ayezitshela ukuthi ungunina.
“Wahamba wayohlala e-Escourt, lapho adabuka khona. UMxolisi wamlandela kodwa kwafike kwangahlaleka njengoba esezihlotsheni, okuyizo ezaqhumbuza ithumba lokuthi akayona ingane kaButhelezi,” kusho uNksz Khuzwayo.
Uthe kwathi uma eseyilandela indaba wathola ukuthi uButhelezi ulaxaza "unina" nje usetholile ukuthi umgqokise ijazi njengoba yena wayengenayo inzalo.
Uthe kwavela ukuthi uMaNdlovu wayenazo izingane ezine zangaphambi komshado, kodwa emshadweni yangaba bikho ayitholayo, kwaze kwaba wenza imizamo "yokukhulelwa mbumbulu, kwazalwa uSimphiwe".
UNksz Khuzwayo uthe uMxolisi umkhombisile isithombe sikaMaNdlovu-Buthelezi, wambona engafani noMaNdlovu owamphuca ingane, nokwenza wasola ukuthi wathenga owesifazane othile ukuthi amenzele umsebenzi wokweba ingane.
Uthe kuvele nokuthi uMaNdlovu-Buthelezi wahamba emzini wakhe oseMlaza ethi "unezinyanga eziyisithupha ekhulelwe", kwathi "esezele" waqhubeka nokuhlala kubo, ezama ukuvika ukuthi uButhelezi angasoli lutho.
Uthe bobabili uButhelezi noMaNdlovu sebashona. NakwaKhuzwayo uTelma washona ngo-2014.
“Wayelokhu ehlushwa yisifo sohlangothi, wabuye wathikamezeka nasemqondweni, esikholwa ukuthi kwakudalwa ukuthi walahlekelwa yingane. Wayengemnandi kahle kimina ngengoba wayebuye athi ngadayisa ingane yakhe ngo-R10,” kusho uNksz Khuzwayo, othe bayafisa ukuthola usizo ezinhlakeni ezehlukene ezingabalekelela ukuthi imindeni ethintekayo ilungise lolu daba, kuphinde kulungiseke nokuthi uMxolisi abuyelwe igama lakhe langempela.
Uveze ukuthi ukhule kahle uMxolisi kubazali bakhe mbumbulu, izinto ziqale ukushintsha ngesikhathi esethola ukuthi akazalwa yibo. Wathi impilo uyihlanganisa ngokubamba amatoho ePinetown.