SINGASE sengezelwe icala lokuzama ukubulala isishoshovu se-MKP KwaMakhutha, eThekwini, esibhekene necala lokudlwengula sikhulelise indodakazi (19).
Lokhu kuza emva kokuvela kokuthi sidla imishanguzo yokuthithibalisa i-HIV ngesikhathi siqedela ukufaka isicelo saso sebheyili eNkantolo yeMantshi yaseMbumbulu.
Isehlo lapho umsolwa akhulelisa khona umgilwa senzeka phakathi kuka-Agasti noSepthemba ngonyaka odlule, kodwa umgilwa wangabika ngaso ngaleso sikhathi ngoba umsolwa emsabise ngokuthi uzombulala.
Umndeni uze wathola ngesigameko ngoDisemba, ngesikhathi ubamba imiyalezo phakathi kukamsolwa nomgilwa. Ngokuhamba kwamasonto, kwagcina kuvela nokuthi indodakazi uyidlwengule yaze yakhulelwa.
Indaba ye-HIV ivele ngesikhathi imantshi, uNkk Moodley, ibuzisisa ukuthi ummangalelwa utshele inkantolo ukuthi udla imishanguzo.
Umphenyi wecala, uWarrant Officer Bhekithemba Nzama uvumile, wengeza ngokuthi umsolwa ulale nomgilwa ngaphandle ngokumvikela (ngekhondomu).
“Unalo ulwazi ngesimo sikamgilwa?” kubuza uNkk Moodley.
UNzama uphendule ngokuthi unina kamgilwa wayekade emtshele ukuthi umgilwa uzalwe engenalo igciwane.
“Angikaze-ke ngikhulume naye ngqo umgilwa, ukuthola kabanzi ngesimo sakhe,” kuphendula uNzama.
UNkk Moodley ubuze ukuthi kungenzeka ukuthi umsolwa umsulele ngegciwane umgilwa, uNzama waphendula ngokuthi kunjalo.
Kubuye kwahlaluka nokuthi kungenzeka ukuthi umgilwa wayengazi ngesimo sempilo sikayise ngesikhathi kwenzeka isehlakalo.
Lokhu kuvele empendulweni kaNzama, ethe yize engeke akwazi ukuphendula into eqondile ekutheni umgilwa ubazi yini kodwa ngesikhathi ezethula kunina (kamgilwa) lezi zindaba, wathuka woma, wathi ubengazi.
UNkk Moodley uthe lolu lwazi lusho ukuthi likhona icala elingahle lengezwe kumsolwa nakuba engaligagulanga ngegama.
Ngokwejwayelekile, umuntu othelela omunye nge-HIV ezazi isimo sakhe, uye abekwe icala lokuzama ukubulala.
Kuphinde kwavela nokuthi akukaziwa ukuthi imiphumela yolibofuzo izobuya nini.
UNzama uveze ukuthi amasampula wawahambisa msalofu eLaboratory ePitoli, ngoFebhuwari 6.
Udalule ukuthi abakhona abaphumanga nazwi lokuhlawumbisela ukuthi imiphumela izolunga nini ngesikhathi ebabuza ngalokho.
Uthe bamcebisa ngokuthi afike acele umshushisi nenkantolo babhale isitatimende sithunyelwe nge-email, bagcizelele ekutheni kubalulekile ukuthi uhlelo luphuthunyiswe.
Uthe nakuba bemcebise ngalokhu kodwa bale baphetha ukuphuma nezwi lokuthi kungashesha kangakanani uma kwenziwa lokho abamcebise ngakho. Bebelokhu bekhale njalo ngobuningi besibalo samasampula abawenzayo, bethi senza kweluleke isikhathi ukuthi kuphume imiphumela.
Ummeli kammangalelwa, uMnuz Jadwat, unxuse inkantolo ukuthi ibe imdedela ngebheyili umsolwa, wakhala ngokuthi njengoba kusazoqhubeka isikhathi esingaziwa kulindwe imiphumelo yolibofuzo, kungakuhle ukuthi abe ngaphandle.
Umsolwa akagcini ngokuba yisishoshovu se-MKP kuphela kodwa ubuye abe yilungu le-Community Policing Forum (CPF) futhi waziwa njengomuntu ongabufuni ngenhliziyo yakhe yonke abantu abenza ubugebengu.
Icala lihlehle usuku lwakusasa ukuze imantshi ikhiphe isinqumo ngesicelo sebheyili.
Enkantolo bekukhona izihlobo ezimbalwa, ezomndeni kamgilwa nezikamsolwa.
Umsolwa obebukeka engakhathazekile, ubegqoke i-golf T-shirt ebomvu ne-jean ekhanyayo ngombala. Ubebuye aqalaze lapho okuhleli khona ebebezothamela icala.