UZULELWA yikhanda owesifazane waseNgonyameni othi uxabane nomyeni wakhe ngenyanga eyedlule, maqede umyeni walanda udadewabo wazohlala naye emzini wakhe.
UNkk Zama Cele (uMaXaba) (39) uthi bebexatshaniswe wukuthi umyeni wakhe usekhulelise ngaphandle kwaze kwaba kabili, kodwa okokuthi ubethandana nanodadewabo, wubengakwazi. Uthi ilikuluku bese lehlile, wabuyela emzini wakhe, wazithela phezu kukadadewabo uNksz Smangele Xaba osekunguye umama womuzi.
Uthi bahilizisene nomkhwenyana wakhe, waze walibeka ngembaba elokuthi
yena usazoqhubeka athole abanye abantwana ngoba uyabathanda
abantwana. “Ngiyazi ukuthi sekuphele iminyaka emihlanu sishadile kodwa mina angimtholi umntwana. Kodwa lokho akuchazi ukuthi akahambe ayokhulelisa ngaphandle kuze kube ngamahlandla amabili. Phezu kwalokho, ukungatholi
kwami abantwana akumniki igunya lokuthi athandane nodadewethu omncane,’’ kubalisa uNkk Cele.
Eqhuba uNkk Cele, uveze ukuthi ukhethe ukuthi adube amshiye umyeni wakhe ngenxa yokuthi ubebona sengathi useyahlukumezeka kakhulu futhi okungenasidingo. Uthi ube esekhetha ukuthi ayohlala nomngani wakhe okwesikhashana ePinetown.
Uthi uthuke koma nasozwaneni uma ehletshelwa ngomakhelwane bakhe baKwaDukuza ukuthi umyeni wakhe usehlala nodadawabo omncane.
“Ngesonto eledlule ngibe sengithatha isinqumo sokuthi ngivuke ngihambe ngiye khona KwaDukuza. Ngempela umyeni wami ngimfice ehlezi kusofa egonene nodadewethu omncane. Okubuhlungu kakhulu wukuthi abazange bathuke uma bengibona,’’ usho kanjena.
Uthi uvele waphelelwa ngamagama, wangasho lutho, izinyembezi zavele zazehlela nje. Ube esethatha isinqumo sokuthi ahambe abashiye kanjalo angabaphazamisi.
UNkk Cele uthi udaba ulubikele kunina kodwa wamane wazithela ngabandayo.
“Umama ongizalayo uvele wangiphendula ngokuthi ngeke aze azingene ezamadoda ethu nodadewethu,” kuchaza uNkk Cele.
Uthe akukho okubi ahlela ukukwenza kudadewabo omncane, nguNkulunkulu owaziyo uma kunjena.
Isolezwe ngoMgqibelo likhulume nomyeni wakhe, ovumile ukuthi banokungaboni ngaso linye nomkakhe. Uveze ukuthi yena ngaphambi kokuba ashade noNkk Cele wake wathandana nodadewabo omncane.
Ushaye ngamafuphi wakhala ngokuba yihlongandlebe kukaNkk Cele, wathi yikhona kanye okubonakala kubhimbisa izinto emshadweni wabo.
UNksz Xaba udadewabo kaNkk Cele uphendule ngokucasuka ngesikhathi ebuzwa ngokuthi kuyiqiniso yini ukuthi uhlezi nomyeni kadadewabo.
“Ngicela uhlukane nami phansi. Hamba uyobuza labo abathanda izindaba zabantu abakutshelile,’’ usho kanjena.