UMENGAMELI we-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa uthi bazowakhombisa ukuthi bangobani amaqembu athi angeke balunqobe ukhetho.
URamaphosa uthe i-ANC izomangaza abaningi okhethweni lwangoMeyi 29, njengoba ethe izonqoba ngamalengiso.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma emcimbini wokubungaza usuku lwabasebenzi obuseCape Town.
“Ngomhlaka 29 kuzokuba nokhetho, lolu ukhetho olubalulekile. Kukhona abayizimbangi zethu abahambe bekhuluma, bethi sizothola ngaphansi kuka-50%.
“Abasebenzi nabantu baseNingizimu Afrika angeke bavume ukuthi i-ANC ithole ngaphansi kuka-50%, kodwa bazolwela ukuthi sinqobe ukhetho ngamalengiso.
“Sizobakhombisa labo abahambe bethi sizohlulwa. Laba abahamba bethi sizohlulwa, abasazi kahle, basizwa ngendaba. Bazosibona kahle ngomhlaka 29 laba abasibukela phansi,” kusho uRamaphosa.
Uthe bafuna ukubuyisa isifundazwe iWestern Cape okhethweni oluzayo, nokuwukuphela kwaso esingaphethwe i-ANC.
“Laba asebezitshela ukuthi iWestern Cape eyabo, sizobakhombisa.”
URamaphosa uthe i-ANC izoqhubeka nokweseka abasebenzi.
“Bayathanda, abathandi, i-ANC izohlale ihamba nabasebenzi. Sizoqhubeka nokweseka abasebenzi.”
URamaphosa uthe uhulumeni oholwa i-ANC uzimisele nokuqhubeka nokudala amathuba emisebenzi.
Uthe abafuni ukuthi abaneminyaka engu-35 babandlululwe uma kudalwa amathuba emisebenzi.
“Yebo siyazi ukuthi inkinga yokuswelakala kwemisebenzi ikhungethe kakhulu intsha kodwa asifuni ukuthi abaneminyaka engu-35 basale ngaphandle. Nabo abantu abaneminyaka engu-35 bayayidinga imisebenzi.”
UMengameli weCosatu, uNksz Zingiswa Losi, uthe amalungu eCosatu azophuma ngobuningi bawo eyokhankasela i-ANC.
“Sifuna ukuthi i-ANC inqobe ukhetho oluzayo ngamalengiso. Kuningi osekwenziwe uhulumeni we-ANC kusukela wangena emandleni. Miningi imithetho eshayiwe eyenza izimpilo zabasebenzi zibe ngcono,” kusho uLosi.
UNobhala Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula uthe bayakujabulela ukwesekwa ngabasebenzi.
“Siyabonga ukuthi abasebenzi bathe bazohamba ne-ANC okhethweni. Anigcini nje ngokusho ngomlomo, kodwa niyayikhankasela i-ANC.
“Kufanele uma sesingena emandleni, singabakhohlwa abasebenzi. Abantu abaningi bayakhohlwa uma sebesemandleni,” kusho uMbalula.
UMbalula, obekhuluma emcimbini obuseThekwini uthe amalungu eCosatu kufanele angawavoteli amaqembu athi azokwehlisa isibalo sabasebenzi bakahulumeni uma enqoba ukhetho.
Uthe kunamaqembu alibeka ngembaba elokhu azodiliza abasebenzi bakahulumeni uma enqoba ukhetho.
Imicimbi yosuku lwabasebenzi ibithe chithi saka.
Umcimbi obuseGauteng, eSoweto, uphazamiswe amalungu eNUM, akhala ngokudilizwa kwabasebenzi ezimayini.
Lomcimbi ubuhanjelwe iPhini likaMengameli we-ANC, uMnuz Paul Mashatile.
UMashatile ugcine ekwazile ukwethula inkulumo yakhe.