Amaphoyisa kumasipala waseKurhuleni abehamba e-Alberton ngesikhathi ethola umbiko ngokuphangwa kwesitolo sotshwala iDog Box Liquor, ku-Kritzinger Avenue, e-Alberton.
Bathole ukuthi abasolwa abahlanu babaleke ngemoto yohlobo lweRenault Triber esiliva, bajoyina u-N3 enyakatho base bethatha indlela engu-N12 ebheke entshonalanga ku-Elands Interchange.
"Amaphoyisa asheshe alandela umkhondo wabasolwa aze abavimbezela ku N12 eVoortrekker lapho kuqale khona impi yezulu lezandlA. Abasolwa badubule babhekisi emaphoyiseni, aphindisele ngenhlamvu," kusho i-EMPD ngesitatimende.
Abasolwa abane bafe ujuqu oyedwa walimala emlenzeni, waphuthunyiswa esibhedlela iThelle Mokgoerane.