UMHOLI we-EFF, uMnuz Julius Malema, uyihlomise wayebhekisa kumholi we-MK, uJacob Zuma.
UMalema uthe usakhathele ukuhleka noZuma ekubeni emudla izithende, wathi azihlabane amalunda.
Ukusho lokhu kwi-Podcast ye-EFF, lapho ebekhuluma khona ngamalungiselelo engqungquthela yokukhetha ubuholi bale nhlangano.
UMalema ukhuluma kanje, i-MK isanda kutheza abaholi abaqavile kwi-EFF.
Kulaba baholi kukhona owayeyiphini lomholi kwi-EFF, uMnuz Floyd Shivambu, owayengusihlalo wenhlangano, u-Advocate Dali Mpofu, owayenguMvikeli woMphakathi, u-Advocate Busisiwe Mkhwebane noMnuz Mzwanele Manyi.
I-EFF ne-MK bayingxenye yamaqembu aphikisana uhulumeni wokubambisana ePhalamende.
Kubukeka sengathi ubudlelwano bala maqembu buzothinteka njengoba uMalema eveze ukuthi angeke esahleka nabantu abamhamba ngemumva.
UMalema uthe ubecabanga ukuthi uZuma uwumngani wakhe, wathi usebonile ukuthi ihlekisana ihlomelene.
“Angeke ngibe nabangani abaphazamisa ukukhula kwe-EFF. Ngabe ngiyazikhohlisa uma ngithi nginabangani kubantu abangidla izithende. Abantu bafike bakudle izithende bese belokhu bekuhlekisa uma bekubona. Ngifuna iphele leyo nto. Ngifuna sishayisane ngomoya. Kufanele kucace ukuthi sihlukene, umuntu nomuntu akabhekane nokukhulisa iqembu lakhe.”
UMalema uthe kuzokube kungekhona okokuqala ebhekana noZuma.
UMalema waxoshwa kwi-ANC ngesikhathi kusaphethe uZuma.
“Angimsabi uZuma. Ngake ngabhekana naye, ngamhlula. UZuma wayezitshela ukuthi uqedile ngami. Ngaxoshwa wuye kwi-ANC ngenxa yokuthi ngamqhathanisa noThabo Mbeki (owayengumengameli). Wasebenzisa u(Mengameli uCyril) Ramaphosa ngesikhathi engixosha kwi-ANC.
“Impi yami noZuma ayiqali manje. Sike sabhekana kanje nangaphambilini. Ngiyabona ukuthi uyangifuna futhi, ufuna siphinde sidelisane. Ngizomnika le nto ayifunayo. Angimsabi nakancane uZuma. Angibasabi bonke nalaba asebenza nabo.”
UMalema uthe iningi labantu abahlubuke kwi-MK bawovila voco.
“Kodwa ke ngibafisela inhlanhla kukho konke abakwenzayo.”
Ukuvela kwe-MK kuyilimazile i-EFF njengoba ilahlekelwe amavoti okhethweni olwedlule.
I-EFF isuke ekubeni iqembu lesithathu ngobukhulu ePhalamende njengoba isiyiqembu lesine ngobukhulu.