UKELLY Khumalo wayengasafuni ukuba sothandweni nowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana ongasekho, uSenzo Meyiwa.
Lokhu kuvele izolo ngesikhathi ummeli kammangalelwa wesihlanu, u-Advocate Zandile Mshololo eqhubeka nokupheka ngemibuzo ufakazi owayesendlini, uZandi Khumalo.
UMshololo ucele ukuthi kudlalwe ividiyo kaZandi lapho ayenengxoxo ekhethekile nesiteshi sezindaba setelevishini, i-eNCA.
Iziko lezindaba iTimes Live licaphune omunye wemiqhafazo lapho uKelly wayexoxa nodadewabo, uZandi Khumalo, eyayithi: “Engingakwenza wukuhlala ethembeni lokuthi ngithandazele ukuthi ngikhululeke kuye.”
Emva kokudlalwa kancane kwale ngxoxo, uMshololo ucele ukuthi kumiswe kancane ukudlalwa kwayo, maqede wathi: “Ngifuna ukuthola kahle kuleli phuzu, lokuthi unina kamufi wathi uhambe wayofuna umuthi wesichitho?”
UZandi uphenduule ngokuthi yena wayesho into unina kaSenzo owayisho kwiNetflix.
“Bengisho into ayisho kwiNetflix.” kusho uZandi.
UMshololo uqhube wathi: “Wathi (kuleyo ngxoxo) umuntu okufanele asolwe wumfazi noma yintombi?”
UZandi uphendule ngelithi: “Bengisho ukuthi umuntu usuke ekusiphi isimo, osuke eshadile noma cha.”
UMshololo uqhube wathi kuZandi, ebufakazini bamaSMS, obalethwa ngaphambi kwenkantolo, kuleyo mibiko eyevela kuNksz Khumalo (uKelly), wathi ufuna ukuqeda ngomufi.
Kungenele uMshushisi weNkantolo u-Advocate George Baloyi ngelithi akakholwa wukuthi lokho kuyiqiniso.
“Kwakumayelana nokuqeda ngothando, hhayi ukumbulala,” kusho uBaloyi.
I-Jaji Ratha Mokgoatlheng lingenele nalo lathi: “Lokho okushoyo (libhekise kuMshololo) akusho ukubulala umuntu, kusho ukuqeda ngothando (lokhu okwakushiwo wuKelly).”
Uqhube wathi uKelly lokhu wayekusho ngoba wayezithola esesimweni esingaguquleki.
“Wayengenasiqiniseko sokuthi uthando lufanele noma cha ngoba yize babethandana nomufi kodwa umufi wayenenkosikazi,” kusho uMokgoatlheng.
UMshololo uphendule ngelithi: “Njengoba inkantolo iqondisa ubufakazi kodwa isithombe esidwebekayo ngesokuthi umuntu okunguye owayesothandwenni olungahambi kahle lapha, uma sibuka lobu bufakazi obalethwa enkantolo, kwakunguye uNksz Kelly Khumalo nomufi.”
UMshololo uphethe ngelithi, ngakolunye uhlangothi, uMandisa (unkosikazi kaSenzo) yena, abukho ubufakazi obuveza ukuthi wayengasayingeni eyothando phakathi kwakhe nomufi.
Ngezikhathi zantambama inkantolo iguqe sekuhleli uMnuz Khaya Ngcatshe ebokisini lofakazi.
UNgcatshe wayengumakhelwa wakwaKhulalo ngesikhathi sokubulawa kukaSenzo. Uveze ukuthi bezwa umsindo wabantu abaxokozelayo kwaKhumalo, bezwa umsindo wokuqhuma kwesibhamu, babuye bezwa nomsindo wabantu abakhalayo.
Uveze nokuthi bathi uma bephumela phandle, yena noyise ongasekho, bazithela phezu komuntu owayesegcekeni labo, abathi uma besondela kuye nenduku, wazikhalela ngelithi bangamenzi lutho ngoba akusiye owenze icala.
UMeyiwa wadutshulwa wafa esekhaya lowobe eyintombi yakhe engumculi uKelly Khumalo, eVosloorus ngo-Okthoba 26, 2014.
Icala liyaqhubeka namuhla.