NJENGOBA ngeSonto iNingizimu Afrika ibigubha uSuku lweNkululeko, amaqembu epolitiki akholwa wukuthi kusekuningi okufanele kwenziwe ukuze izakhamuzi zakuleli zikhululeke ngokuphelele.
Imigubho ibihlelwe ezindaweni ezahlukene ezweni.
Kulo nyaka kuhlangana iminyaka engu-31 izwe lakhululeka.
Likhuluma ngenkululeko eyazuzwa ngo-1994, Iqembu uMkhonto weSizwe Party (MK) esitatimendeni ligcizelele ukuthi ukubaluleka kwalolu suku wukukhumbuza abantu ngomzabalazo wenkululeko yabamnyama ephelele nabacwaswayo osaqhubeka abasagqilazwe wububha, wukungasebenzi nakuba sekudlule iminyaka engu-31 izwe lakhululeka.
"Ngeshwa, emva kweminyaka engu-31 umnotho waseNingizimu Afrika usasezandleni zedlanzana elahlomula kuhulumeni wobandlululo," kusho iMK.
Iqhube yathi, emva kweminyaka engu-31 izakhamuzi zakuleli zaphuma emaketangeni obandlululo okwaletha ithemba ezigidini zabantu ababencishwe amathuba kodwa yibo laba bantu abasathwele ubunzima benselelo yezomnotho nenhlalo uhulumeni ohlulekayo wukukuqeda.
IDemocratic Party (DA) ekuhulumeni wokubambisana ne-African National Congress (DA), ithe inkululeko eyazuzwa ilethe inqubekelaphambili yangempela njengoba izigidi zabantu bakuleli manje sezikwazi ukuthola amanzi ahlanzekile, ugesi, ezempilo nemfundo.
"Ukungena kwethu siphuma obandlululweni kusanconywa emhlabeni wonke. Ngalokhu, kuningi okufanele sizigqaje ngakho," kusho uDkt Ivan Meyer ongusihlalo wesigungu esiphezulu seDA.
Nokho uthe, iqiniso wukuthi akuzona zonke izakhamuzi zakuleli ezithola amathuba enkululeko afanayo.
Uthe leli zwe lisabalwa emazweni anemiphakathi engalingani emhlabeni wonke lapho abantu abaningi, ikakhulukazi, intsha ibhekene nokwenyuka kwezinga lokungasebenzi, ubugebengu, ukusetshenziswa kwezidakamizwa nokuhlala emigwaqweni.
Ekhuluma emgubhweni obuhlelwe yi-Economic Freedom Fighters (EFF), eBrandfort, eFree State, umengameli wayo uMnuz Julius Malema ugxeke isimo saleli zwe samanje athe sigubuzelwe yinkohlakalo, wukungalingani, wukunganeliseki nesimo lapho izidingo zingafinyeleli kubona bonke abantu.
“Sithi sikhululekile ekubeni abantu bethu behlala endleni, lapho izingane zingasebenzi nabazali sebeziduduza ngezidakamizwa,” kusho uMalema.
UNgqongqoshe wokuMbiwayo, uMnuz Gwede Mantashe, obesemcimbini obuse-Ermelo emele uMengameli Cyril Ramaphosa, uthe ububha, ukungasebenzi kwabantu nokungalingani ngamanxeba ajulile avimbela izwe ukuba lifinyelele endaweni efanele.
"Singelinye lamazwe emhlabeni angenakho ukulingana. Kubuhlungu ukuthi amaphesenti angu-10 abantu abanothile ngabanikazi bezinto ezingenisa imali eNingizimu Afrika. Izigidi zabantu zisahola imali ezingeke zikwazi ukuziphilisa ngayo nemindeni yazo," kusho Mantashe.
Naye ukhale ngobugebengu, inkohlakalo, nokuhlukunyezwa kwabesifazane okudlangile.
Uthe kule minyaka engu-31 edlule kuningi osekwenziwe okuhlanganisa imfundo, ukuhlaliswa kwabantu, ezempilo nokuhlinzekwa kwezidingo kodwa iqiniso wukuthi akwanele.