INKAMPANI yomculo yakwaSpotify, iveze ukuthi ukwenza kahle komculo kamaskandi yikhona okwenze yathatha isinqumo sokubungaza lolu hlobo lomculo ngoJulayi.
Lokhu bakumemezele ngesikhathi behlangene nabezindaba eLegacy Yard, eMhlanga ngoLwesihlanu.
Bathi benza uhlobo olunjenga lo mcimbi ukubungaza nabantu baKwaZulu-Natal, kanjalo nabaculi abenza lolu hlobo lomculo.
UMichelle Ataganga ophethe ezokukhangisa e-Afrika kwaSpotify, ozalelwe eMgungundlovu, uthe yize bengeyona inkampani eyenza imicimbi futhi efuna ukuzihlanganisa nemicimbi emikhulu kodwa babone ukuthi mabawenze lona othinta umaskandi.
“Siyabonga kuwona wonke umuntu othintwe wumculo kamaskandi njengoba uqophe umlando esingakaze siwubone nathi enkundleni yethu. Okujabulisayo wukuthi wumkhakha lona owawunganakiwe kodwa manje ugila izimanga. Siyanxusa ukuthi abaculi baqhubeke nokwenza umculo walolu hlobo ngoba uyadlisa,” kuchaza yena.
Uthe ngeke kube wumcimbi omkhulu kodwa uzoba yingqophamlando ngokuba nabaculi abahlukene bakamaskandi.
Okubi athe bakubona enkundleni yabo wukuthi abekho abantu besifazane bakuleli izingoma zabo ezihamba phambili kunalokho kugqame abesifazane baphesheya kwezilwandle.
“Ngisho uTyla no-Uncle Waffle esaziyo ukuthi izingoma zabo zenza kahle futhi ngisho naphesheya kwezilwandle izingoma zabo ziyaziwa, babuye baqashwe nasemicimbini ehlukene, kodwa uma kuza ekuthengweni kwezingoma zabo kuleli abenzi kahle,” kuchaza yena.
Kuleli sonto izingoma eziyishumi ezihamba phambili kubalwa ekaCiza ethi Saka, Jazzwork Uzizwa Kanjani, Shandesh Di Choppers, Issah Sisdoh Vuma Dlozi Lami, Oscar Mbo Vuka, Zee Nxumalo Ngisamthanda, Sminofu Sajola Kamnandi, DJ Maphorisa Abantwana Bakho) neka-Uncle Waffle ethi Zenzele.