OWAPHUNYUKWA isikhundla sokuba imenenja kaMasipala waseThekwini, uMnuz Max Mbili, uthole amadlelo aluhlaza.
UMbili obekade eyimenenja kaMasipala waseRay Nkonyeni, uqokelwe kwesokuba yinhloko yoMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal.
UMbili uthulwe ngokusemthethweni izolo, uMphathiswa wezokuHlaliswa kwaBantu, uMnuz Siboniso Duma.
Ngo-2022, uMbili waphunyukwa iqatha emlonyeni njengoba kwala kancane ukuba aqokelwe kwesemenenja kaMasipala waseThekwini.
Wayekade ephume phambili ngesikhathi kunenhlololwazi yokuqala eyayibheka ozokuba imenenja kamasipala. Kwathi sekusele kancane ukuba uMbili aqokwe, kwabuye kwavela izinsolo zokugxambukela kobuholi be-ANC. Kwaba nezinsolo zokuthi abaholi be-ANC bayalela ababeqhuba inhlololwazi ukuba baqoke uMbili.
Lwabe seluqalwa phansi uhlelo lokuthungatha ozokuba imenenja kamasipala, nokwagcina ngokuthi isikhundla sithathwe uMnuz Musa Mbhele.
UDuma uthe bajabule kakhulu ngokujoyinwa uMbili, wathi uMbili uyena ohambe phambi kwinhlololwazi ngesikhathi umnyango uthungatha ozokuba yinhloko yawo.
“Ukuqokwa kwakhe kwamukelwe nangamalungu ekomiti lasePhalamende elibhekelele ukusebenza komnyango.”
UDuma uthe babheke lukhulu kuMbili athe wenze umsebenzi oncomekayo ngesikhathi eyimenenja kaMasipala waseRay Nkonyeni.
“Ngesikhathi ephethe kuMasipala waseRay Nkonyeni umkhandlu wawuhlezi uthola imibiko enganagcobho kuMcwaningimaBhuku, futhi umasipala wathola imiklomelo eminingi yokuba umasipala ohamba phambili.
“Wathola izindondo eziningi zokuba imenenja kamasipala ehamba phambili. Wayesekhaleni lokwakhiwa kwezindlu ezingaphezu kuka-4 000 kumasipala. Lokhu wakwenza ngokusebenzisana noMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu.”
UDuma uthe balindele ukuthi uMbili aqhubeke nomsebenzi omuhle abekade evele ewenza esikhundleni sakhe abesiphethe emnyangweni.
UMbili ubewumqondisi ophikweni olubhekelele uhlela ukusebenza komnyango.
“Siqashe yena ngoba nakhu sijahe ukubona kuphenduleka imithandazo yalabo abasivotela ngesikhathi kunokhetho. Nginesiqiniseko sokuthi uMbili ubeyilalele inkulumo eyethulwe uMengameli (uCyril Ramaphosa) ngeledlule, lapho esho khona ukuthi ziningi izinhlelo zentuthuko ezizokuza lapha KwaZulu-Natal. Sifuna ukubona kushunqa uthuli kuzo zonke izingxenye zesifundazwe.”