BAHLEKA bodwa osomabhizinisi baKwaZulu-Natal abathole ithuba lokuzikhangisa ezihambelini zamazwe omhlaba emcimbini i-Africa’s Travel Indaba, eqhubeka eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), eThekwini.
UNksz Zotha Moloi (27) weThe Harvest Lavender Farm eseLidgetton, eMgungundlovu, uthe emuva kokuvalwa yiCovid-19 umkhakha wezokuvakasha usuqalile ukuheha izivakashi.
“Ngize lapha ngenxa yeTourism KwaZulu-Natal okuyiyona engikhokhele izindleko. Ngiyazikhangisa ngoba ngiyazi ukuthi angihehi kuphela abantu bakuleli kodwa abase-Afrika nabakwamanye amazwe.
Lo mbukiso uhanjelwa ngabantu abamazwe wonke, ngakho ubalulekile kakhulu kosomabhizinisi abasafufusa,” kusho uNksz Moloi.
UMnuz Dumi Mbatha weDumi Legacy Tours esenyakatho yeKwaZulu-Natal, uveze ukuthi seziqalile ukutheleka izivakashi zaphesheya azihambisa eSimangaliso Wetland Park naseHluhluwe.
UMbatha uqale ibhizinisi lakhe lokuhambisa izivakashi emuva kokusebenza eyi-tour guide kulo mkhakha.
Uthe uCovid-19 yamphatha kabi kangangokuthi waphoqeleka ukuba abuyisele emuva egaraji izimoto athutha ngazo izivakashi ngoba wayengasakwazi ukuzikhokhela.
Njengamanje uthe ibhizinisi lakhe liyazama ukuba sezingeni elalikulona ngaphambi kweCovid-19.
UNksz Sthe Biyela wendawo yokuhlala izivakashi ebizwa ngokuthi Edwaleni Guest Lodge esePinetown, uthe iTourism KwaZulu-Natal iyabasiza kakhulu osomabhizinisi abancane ngokubaqeqesha ngolwazi abaludingayo ekuzikhangiseni.
“Sinakho konke okudingwa yizivakashi kusukela kwi-wifi yamahhala, izindawo zokulala ezintofontofo futhi siseduze kwezimboni, izitolo nezindawo zemvelo ezingahanjelwa yizivakashi,” kusho uNksz Biyela.
Uma uzitshela ukuthi emakhaya kufanele baye edolobheni ukuze bathole indawo yezivakashi esezingeni, wuyeke lowo mkhuba ngoba sekukhona UMbumbulu Nokusho Guest House, okuyinkampani enendawo yokuhlala izivakashi. Yenza imicimbi ibuye ibolekise ngempahla yemicimbi.
Wonke amabhizinisi abhalwe yiSolezwe aqale ngo-2018 aphazanyiswe yiCovid-19 kodwa abanikazi bawo bavuka bazithatha.