KUBOSHWE abantu abangu-6 253 abebezama ukungena nokuphuma kuleli ngokungemthetho ngesikhathi samaholidi ePhasika kulo nyaka.
Lokhu kudalulwe wuKhomishana weBorder Management Authority (BMA), uDkt Michael Masiapato, ngesikhathi ethula umbiko ngokwenziwe yilesi sikhungo esikhathini esiyizinsuku ezingu-10 zePhasika.
UMasiapato uthe nakulo nyaka abantu baseZimbabwe, Lesotho naseMozambique basaqhubeka nokungayihloniphi imithetho yakuleli yokungena nokuphuma kwabantu ezweni.
Bangu-2019 abaseZimbabwe ababanjiwe, abangu-1921 abaseLesotho nabangu-1143 baseMozambique. Abangu-1170 abasemazweni ahlukene.
UMasiapato uthe laba babuyiselwe emazweni abo. Uveze ukuthi isibalo sababoshiwe sinyuke ngamaphesenti angu-61 uma kuqhathaniswa nonyaka odlule owawunabangu-3841.
"Nakulo nyaka abantu basemazweni amathathu ahamba phambili ngokungayihloniphi imithetho yokungena nokuphuma kwabantu kuleli baqhubekile nokwenza lokho," kusho uMasiapato.
Uthe kwababoshiwe, abangu-4795 bebengenawo amaphepha, abangu-1059 bengavumelekile ukungena kuleli nabangu-493 abebenama-visa omgunyathi okanye bahluleka wukuveza izitifiketi ezinemininingwane ngesimo sabo sempilo.
Uphinde waveza ukuthi kunabanye ababanjelwe amacala ahlukene badluliselwa emaphoyiseni.
"Lokhu kwenyuka kwesibalo sababanjiwe ngamaphesenti angu-61, kudalwe wuhlelo lwethu lokusebenzisa ubuchwepheshe bamakhamera andiza phezulu nafakwa emzimbeni okwenza kube lula ukuba sisheshe sikwazi ukuhlonza ubugebengu bungakenzeki," usho kanje.
Uphinde wadalula ukuthi kuboshwe izisebenzi zabo ezimbili emngceleni iBeitbridge, ezisolwa ngokusebenzisana nabadlulisa abantu emingceleni ngokungemthetho.
UMasiapato uthe sebeqale umkhankaso wokuqinisekisa ukuthi izisebenzi zabo ziyabuqonda ubungozi bokuzibandakanya nenkohlakalo ikakhulukazi ukusiza abantu ukuba bangene kuleli ngokungemthetho.
Mayelana nemikhankaso yokulwa nobugebengu obuhlanganisa ukushushumbiswa kwempahla, uthe kube nengu-83 ezweni lonke lapho bebesebenzisana namaphoyisa, baba nezivimbamgwaqo ezingu-59, izimoto ezihlolayo ezingaphezulu kuka-1141 nabahamba ngezinyawo abangu-1183.
Uthe kubanjwe izimoto ezine nesithuthuthu obekuzanywa ukukushushumbisa, insangu yenani lika-R129 550, kwabanjwa izincwadi zokuhambela kwamanye amazwe ezingu-8 ezinezigxivizo zomgunyathi, utshwala, izingubo zokugqoka, izicathulo nogwayi womgunyathi.
Uthe kusukela ngo-Ephreli 15, sekubanjwe ugwayi womgunyathi wenani elingaphezulu kwesigidi samarandi.
Nakulo nyaka isikhumulo sezindiza i-OR Tambo sibe nesibalo esiphezulu sabantu abebengena bephuma kuleli ngesikhathi sePhasika.