ZICONSISA amathe izipho ezitholwe amalungu ePhalamende asanda kungena.
Ohlwini lwezipho ezitholwe amalungu ePhalamende kuvela ogologo ababizayo, imfuyo, amafoni abizayo kanye nokungeniswa mahhala emicimbini yomtakabani.
Uhlu lwezipho lwakamumva lushicilelwe emva komhlangano wekomiti lasePhalamende elibhekelele ubuqotho, i-Joint Committee on Ethics and Members Interests.
Ilungu le-IFP, inkosi Bhekizizwe Luthuli, liveze ukuthi lanyatheliswa ngenkomo nemvu ethempelini lakwaShembe, eThembezinhle.
Imfuyo ibiza u-R15 000, yayihambisana nemali ewu-R5 700.
Elinye ilungu le-IFP, inkosi Zuzifa kaMangosuthu Buthelezi, lona lathola isipho sesikhumba senkomo.
Isipho sasivela esizweni sakwaButhelezi, sibiza u-R7 500.
UNgqongqoshe wezeSayensi, uDkt Blade Nzimande, uveze ukuthi waphiwa izimvu ezimbili zenani lika-R6 000.
Lezimvu waziphiwa usihlalo weSACP KwaZulu-Natal, uMnuz James Nxumalo.
UNgqongqoshe ehhovisi likamengameli, uNksz Khumbudzo Ntshavheni, uveze ukuthi wathola ugologo kanye noshokoledi okubiza u-R3 523 uma sekuhlanganisiwe.
Ilungu le-FF Plus, uMnuz Wouter Wessels, uveze ukuthi waphiwa ibhodlela likagologo elibiza u-R1 200, waliphiwa ihhovisi lezokuxhumana likahulumeni waseTaiwan.
Iphini likangqongqoshe wezaMaphoyisa, uMnuz Cassel Mathale, uveze ukuthi waphiwa ugologo obiza u-R1 000, nezingilazi ze-champagne, nazo ezibiza u-R1 000. Le zipho wazithola ezinkampanini iBarberry Group neSafety and Security Sectoral Bargaining Council.
UNgqongqoshe wezokuThutha, uNkk Barbara Creecy, uveze ukuthi waphiwa iwayini elibiza u-R650 kanye nezinye izipho ezibiza u-R450.
Ungqongoshe wezobuDlelwano naMazwe aNgaphandle, uMnuz Ronald Lamola, uveze ukuthi waphiwa ifoni ebiza u-R25 000. Wayiphiwa abakwaMTN, eGhana.
UNgqongqoshe wezeMisebenzi yoMphakathi, uMnuz Dean MacPherson, nelungu le-ANC, uMnuz Cedrick Frolick, baveze ukuthi bathola amathikithi okuyobuka umjaho wamahhashi oba seThekwini.
Omunye wosihlalo wekomiti iJoint Committee on Ethics and Members Interests, uNksz Lusizo Makhubela, uthe kumqoka ukuthi amalungu ePhalamende adalule izipho azitholayo.
“Ukushicilelwa kohlu lwezipho kuveza ngokusobala ukuthi iPhalamende lisebenza ngokwethembeka, futhi namalungu ePhalamende athembekile.”