UMENGAMELI waseNingizimu Afrika, uMnuz Cyril Ramaphosa, uzithola ephoqeleka ukushintsha ikhabhinethi lakhe ngenxa yemiphumela yengqungquthela yokukhetha ubuholi. Lona wumbono womhlaziyi wezepolitiki uMnuz Thabani Khumalo, uthi kufanele kulindelwe ushintsho noma yinini.
Kuvamisile ukuthi i-ANC uma ibuya engqungqutheleni, kube noshintsho ezikhundleni zikahulumeni.
UKhumalo uthe lokhu kuzonikeza uRamaphosa ithuba lokuhlela kabusha ikhabhinethi futhi alungise nalapho abevele engeneme khona ngongqongqoshe bakhe. UKhumalo usho kanjena nje, i-ANC iphuma engqungqutheleni yokukhetha ubuholi eNasrec, eGauteng. lapho uRamaphosa ebuyele khona kwesikamengameli wenhlangano. Izinguquko ezenzeke engqungqutheleni zibukeka zingase zikhonge ezinye kuhulumeni.
Ngesikhathi uRamaphosa ekhethelwa kwesikamengameli ihlandla lesibili, kuqokwe uMnuz Paul Mashatile, kwesePhini lakhe. Obeyiphini likamengameli ekuqaleni uMnuz David Mabuza, akatholanga sikhundla kweziyisikhombisa eziphezulu. UMashatile ukhethelwe kwesePhini likaMengameli wenhlangano kwathi, kwesikaNobhala-Jikelele kwakhethwa uMnuz Fikile Mbalula, onguNgqongqoshe wezokuThutha kuzwelonke.
Isikhundla sikanobhala-jikelele kwiANC sinombandela wokuthi osiphethe, kumele asebenze ngokugcwele ekomkhulu layo eLuthuli House, akajutshwa kuhulumeni. Lokhu kusho ukuthi kufanele uMbalula asule kuhulumeni kuvuleke isikhala.
UKhumalo uthe noma ngabe umengameli ubefisa ukuziba kodwa isimo siyamphoqa.“Kunesikhala sikangqongqoshe woMnyango wezeMinyango kaHulumeni nokuPhatha, manje sekuzovuleka isikhala sikaNgqongqoshe wezokuThutha uMnuz Fikile Mbalula.
“URamaphosa angasebenzisa leli thuba ukwenza ushintsho avale izikhala. Ekuqaleni uzamile ukubumba i-ANC efaka ezikhundleni abebephikisana naye kodwa akumsizanga,’’ kuchaza uKhumalo.
Uthe ubona sengathi lizogaya ngomunye umhlathi manje ngoba uRamaphosa useyazi ukuthi yihlandla lakhe lesibili kwi-ANC nokungelokugcina, uzofuna ukusebenza ashiye umsizilo ohlukile. Nakuba esho njalo uKhumalo kodwa uNgqongqoshe ehhovisi likaMengameli, uMnuz Mondli Gungubele ekhuluma nabeSABC, uthe uRamaphosa akakasho lutho ngoshintsho.
Uqhube wathi uRamaphosa akayena umuntu othatha izinto ngamawala esebenzisa inzondo namagqubu.
Okhulumela ihhovisi likamengameli uMnuz Vincent Magwenya, uzanywe kaningi ocingweni ukuba aphawule ngodaba kepha belungabanjwa, wathunyelelwa umyalezo nayo akangayiphendula.