LIZOQALA ukuqulwa ngoFebhuwari 10 wonyaka ozayo, icala lokweqa ejele kwesiboshwa, uThabo Bester.
Lokhu kuvezwe yiJaji uCagney Musi, eNkantolo eNkulu yaseFree State.
Bekuvele kulindeleke ukuthi uMusi amemezele ukuthi kuzoqala nini ukuqulwa kwecala likaBester nabanye, njengoba bonke abameli kanjalo noMbuso beveze ukuthi sebekulungele ukuqulwa kwalo.
Ngesikhathi kuqhubeka ukuhlala kwenkantolo, ummeli kaBester uke wazama ukuveza ukuthi uBester kungenzeka angakulungeli ngokomqondo ukuqulwa kwecala ngenxa yendlela aphethwe ngayo ejele, iKgosi Mampuru.
Ummeli udalule ukuthi unikwa ihora elilodwa kuphela lokuthi azivocavoce, nokho uMusi akakugqizanga qakala lokhu, wathi uma ummeli kaBester esewalungise kahle amaphepha esikhalo sekhasimende lakhe, ngeke ananaze ukudlulisela udaba lwakhe kwelinye ijaji ukuze lilulalele.
Leli cala laba wundabuzekwayo ngoMeyi 2022, ngesikhathi kuvela ukuthi uBester owayedonsa isigwebo sakhe ngamacala okubulala nawokudlwengula, weqa ejele.
Lezi zindaba zavela sekuphele unyaka eqa.
Bayisishiyagalolunye ababoshwa ngalokhu, okukhona kubo nowayeyintombi yakhe, ababanjwa naye eTanzania uDkt Nandipha Magudumana.
I-ANC nomhlangano wokubhunga ngokhetho nentuthuko
IBIZE umhlangano ozodonsa izinsuku eziyisithupha i-ANC ukuzobhunga ngokubhacaza kwayo okhethweni obelungoMeyi nonyaka.
IBIZE umhlangano ozodonsa izinsuku eziyisithupha i-ANC ukuzobhunga ngokubhacaza kwayo okhethweni obelungoMeyi nonyaka.
Isitatimende sikaKhongolose siveze ukuthi umhlangano uqala namhlanje eBirchwood Hotel, eBoksburg.
Kuqala umhlangano wesigungu esiphezulu se-ANC namhlanje kuze kube nguMgqibelo. Kusuka ngeSonto kuze kube nguLwesibili, kuzohlala umhlangano ohlanganisa bonke abaholi bakwezinye izifundazwe, kubalwa ongqongqoshe, abaphathiswa beminyango, ondunankulu, izimeya, amaphini ongqongqoshe kanjalo nabanye abaholi.
Kulo mhlangano bazobe becaciselwa kabanzi ngezinhlelo ze-ANC okumele bazilandele ezisuselwa emqulwini wezokhetho.
“Inhloso ngukuthi kufuqwe izinhlelo zokuqeda indlala, ukukhulisa umnotho, ukwakha amathuba emisebenzi, ukwehlisa izinga lokuphila eliphezulu kanjalo nokubhekana nezinye izingqinamba ezibhekene nomphakathi,” kusho isitatimende.
Kuzokhumbuleka ukuthi i-ANC yehlelwa wukwesekwa yaze yadinga ukuthi ibambisane namanye amaqembu ngenxa yokwehlelwa wukwesekwa okhethweni.
Kuhlukene imibono ngabase-Israel kuma-Olympic
KUSHAYISANA imibono ngokuya kwabadlali base-Israel kuma-Olympic aseParis, njengoba leliya lizwe liqhubeka nokudedela amabhomu eGaza.
IPhini likaNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko, uNksz Peace Mabe noNobhala jikelele we-ANC uMnuz Fikile Mbalula, bathe i-Israel akufanele ivunyelwe ukuya kuma-Olympic njengoba isaqhubeka nokubulala abantu basePalestine, eGaza.
Babalule ukuthi neRussia ayikwazi ukuya kuleya midlalo ngoba isolwa ngokuba nodlame.
Isolezwe lithole ukuthi abadlali baseRussia kabavumelekile ukuya kuma-Olympic ngenxa yempi eqhubeka phakathi kwezwe labo ne-Ukraine kanjalo nezinsolo zokuthi abadlali babegqugquzelwa ukuba basebenzise izikhuthazi ezingavumelekile.
ISouth African Zionist Federation (SAZF), ithe uMabe noMbalula kufanele bahlukane ne-Israel ngoba inelungelo lokuya kuma-Olympic njengawo wonke amazwe.
Kolunye uhlangothi. i-Palestine Solidarity Alliance Youth League in South Africa, ithe i-Israel enobandlululo akufanele ibe semidlalweni yama-Olympic.
Ikhale ngokuthi ukuba khona kwayo kugqugquzela ukucindezelwa kwabantu.