KUYAPHELA ngokuvulwa ubusuku nemini kweminye imitholampilo KwaZulu-Natal, ngenxa yezinkinga zemali ezibhekene noMnyango wezeMpilo esifundazweni.
Akuzogcina ngokuthi kwehliswe amahora okusebenza kwale mitholampilo ngenxa yezinselelo zemali, kodwa neminyango ehlukene kahulumeni isizokhokhela ukuqasha ama-ambulensi asuke elindele izimo eziphuthumayo uma iminyango yenze imicimbi ehlukene emiphakathini.
Lokhu kudalulwe nguMphathiswa wezeMpilo esifundazweni, uNksz Nomagugu Simelane, ekhuluma emhlanganweni wekomiti lezezimali esiShayamthetho ngoLwesihlanu.
Uthe lezi ngezinye zezindlela zokuzama ukwehlisa izindleko ezibhekene nomnyango.
Uveze ukuthi baqhamuke nalezi zinhlelo ezibalelwa ku-35, abazozenza ngoba befuna ukungeqi esabelweni semali njengoba ebalule ukuthi kungenzeka beqe ngoR4.7 billion kusona.
“Asizovele sehlise amahora asetshenzwa kule mitholampilo kodwa sizobheka ukuthi isibhedlela sikude kangakanani nalowo mtholampilo. Sizobheka nokuthi noma ivalwa kodwa uma kwenzeka kunezimo eziphuthumayo kube okungenani nomhlengikazi oyedwa ozosiza ngoba kweminye yayo kusuke kunezindawo zokulala abahlengikazi,” kusho uNksz Simelane, othe izovulwa ekuseni ivalwe ntambama.
Uveze ukuthi okwamanje abakazi nokuthi mingaki imitholampilo abazokwehlisa amahora okusebenza kuyona ngenxa yokuthi basazohlala phansi babheke izinto eziningi.
Abebesebenza kuyona bazovala izikhala kwezinye izindawo lapho bedingeka khona.
UNksz Simelane uthe babuyele nasohlelweni lokuthi iminyango ikhokhele ama-ambulensi uma yenze imicimbi emphakathini.
“Ukumisa i-ambulensi usuku lonke ingasebenzi kusidla imali. Kudingeka kukhokhelwe uphethroli kuphinde kukhokhelwe abasebenzi ngokusebenza isikhathi esengeziwe. Yingakho iminyango isizokukhokhela ukuthi ikhiphe emgwaqweni i-ambulensi yangasebenza ngenxa yokuthi iye emcimbini.”
Uthe ezinye zezinto abazozenza ngukumisa uhlelo lokuthenga izimoto ezintsha emnyangweni.
“Okunye esizokwenza ngukuthi isisebenzi ngeke sisaba nekhompyutha yasehhovisi, i-laptop, tablet kanye nocingo. Uma ene-laptop ngeke esaba nezinye zalezi zinto ezibandakanya i-tablet nekhompyutha ngoba kwenza umsebenzi owodwa,” kuqhuba uNksz Simelane.
Ukhale ngokuthi ukubanjelwa imali ebalelwa kuR1 billion kwisabelomali somnyango yikhona okudale le nkinga.
Uveze ukuthi le nkinga bayidlulisele nakuNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke uDkt Aaron Motsoaledi.
“Njengoba umengameli Cyril Ramaphosa ebehambele imbizo muva nje, kube nomhlangano ohlanganisa iKhabhinethi obekukhona kuyona noNgqongqoshe wezeziMali kazwelonke, lapho kuxoxwe khona ngale nkinga ebhekene nomnyango.”
URamaphosa uyibalulile eyezinselelo ezibhekene nalo mnyango kanjalo nowezemfundo esifundazweni.
Le minyango iyona okuhlale kukhalwa ngokuthi ibhekene nengwadla yokuthi ayikwazi ukungaqashi abahlengikazi kanjalo nothisha ngoba bayadingeka, phezu kokuba kunezinselelo zokushoda kwemali.