KUZOBE kusindwe ngobethole esikoleni esingaconsi phansi eNingizimu Afrika namaphethelo, iBizimali High njengoba kubungazwa futhi kuvaleliswa uthishanhloko oyibekile induku ebandla, uMnuz Ntandoyakhe "Sbonkolo" Ntuli.
Phakathi kwezicukuthwane ezizohambela indumezulu yomcimbi okulesi sikole esiKwaNgono, eNkandla, kubalwa owayengumengameli wakuleli, uMnuz Jacob Zuma, noNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli.
OyiPhini likathishanhloko wesikole, uMnuz Philani Dumakude, uthe umcimbi uzobe umkhulu ukwedlula yonke eyake yabakhona emlandweni waseBizimali.
"Umcimbi wokuvalelisa uthishomkhulu wethu, ubaba wethu, umholi wethu ebesimthanda. Ebesimhlonipha. Ohambe lapha ngoJulayi 31, 2024, okuwusuku agcine ngalo (eseyothatha umhlalaphansi). Elokhu aqala layikhaya ngoJanuwari ka-1995."
UDumakude uchaze uNtuli njengesishoshovu semfundo esibe namagalelo amakhulu empumelelweni yesikole.
"Ngesikhathi efika, sasingekho isikole. Kwakusengamakilasi amathathu, ayengangenalo uphahla. Enezimbobo, ungena nanoma yikuphi lapho uthanda khona. Wafike wathatha izingane ezazikhona ngaleso sikhathi, wayozicelela esikoleni esingomakhelwane ukuba zifundele khona, ezama ukwenza iBizimali yakheke."
UDumakude uthe emuva kokuba seyakhekile iBizimali, uNtuli wabe esezilanda izingane ukuba zizofundela khona.
Uthe ngo-1997 uNtuli wakha igumbi elisha lokufundela abafundi bakaStd 9 (Grade 11), kwathi ngonyaka olandelayo wakha igumbi lokuqala lika-matric waseBizimali.
"(Loyo matric) wenza kahle kakhulu ngoba ngithi ngalowo nyaka kwafeyila umfundi oyedwa. Kusukela lapho iBizimali yabe seyithola u-100%. Ngaleso sikhathi eBizimali kwakusafunda izingane zendawo kuphela kodwa ngemiphumela emihle, yadonsa izingane zakuyo yonke iKZN. Njengamanje sinezifundazwe eziningi. SinoGauteng."
Uthe isikole siyayikazela ngezifundiswa ezidlule khona okubalwa kuzo odokotela, abameli, nezintatheli.
UDumakude uthe izinto ezaba wumqondo kaNtuli eBizimali nezafukula imiphumela yakulesi sikole, ukufunda ebusuku, ngezimpelasonto nangamaholidi.
Uthe umphakathi awukwamukelanga kahle lokho ngoba wawukhala ngokuthi awusakwazi ukuthuma izingane futhi azisakwazi nokuyolusa izinkomo.
"Indaba yokufunda ebusuku neyama- extra classes yaqala layikhaya."
UDumakude uthe uNtuli ushiye nyakenye isikole sinabafundi abangaphezu kuka-2 700 nothisha abawu-88.
"Siyabonga ukuthola ithuba lokusebenza nothishonhloko. Usikhulisile saba ngamadoda. Saba ngomama. Siyabonga ngemfundiso yakhe."
Esephetha uDumakude uthe kumenywa nanoma wubani ukuba abe yingxenye yalo mcimbi wokuthulela uNtuli isigqoko esadla anhlamvana.