Kushone isalukazi, kwalimala kabi abantu abathathu kugqabuka ilangabi emzini ose-Edmundsbury Road, eBelverdere, oThongathi.
I-IPSS Medical Rescue iphendule izicelo zosizo ezivela kumalungu omphakathi kubonakala intuthu kulo muzi.
"Sifike sathola abantu abathathu abakhishwe elilweni belimele kabi ngenxa yokusha. Kutholakale ubaba nendodana yakhe benamanxeba amabi okusha emzimbeni, omunye owesifazane ubelimele kabi ngenxa nxa yokuhuzuko," kusho abe-IPSS ngesitatimende.
Ngeshwa bekukhona oyedwa wesifazane obeseshonile.
Umlilo ucishwe abezicishamlilo ngaphansi kukaMasipala weTheku kanti bonke abalimele baphuthunyiswe esibhedlela. Ethekweni, sibonga nomphakathi wakule ndawo obeke ukuphepha kwawo engcupheni ukuze uhlenge abebengaphakathi ucele usizo.