UBUHIXIHIXI bokubhaliswa kwezithunywa bubambezele ukuqala kwengqungquthela yokukhetha ubuholi be-ANC Youth League (ANCYL) KwaZulu-Natal.
Le ngqungquthela obekuhlelwe ukuthi iqale ngoLwesihlanu ize yaqala ngeSonto ntambama. Bekufanele kube usuku lokugcina lwale ngqungquthela ebanjelwe eGreyville Racecourse. Ingqungquthela ivulwe ngokusemthethweni uNobhala Jikelele we-ANCYL, uMnuz Muntuwoxolo Ngudle.
Okhulumela ithimba kesikhashana elihola i-ANCYL KwaZulu-Natal, uMnuz Kwanda Zungu, uthe kube nenkinga ngesikhathi kubhaliswa izithunywa nokwenze ukuthi ingqungquthela ingaqali ngesikhathi.
“Bekunenkinga yomshini okhipha izingqwembe ezinamagama ezithunywa, ingakho siqale sekudlule isikhathi.”
Umbango wezikhundla ushisa phansi kule ngqungquthela.
Amagama ahamba phambili elikaMnuz Mqondisi Duma ophakanyiselwa kwesikasihlalo, nelikaNksz Lulama Mabude, ophakanyiselwa kwesikanobhala.
UDuma, oqhamuka esifundeni iHarry Gwala, ungumdidiyeli wethimba lesikhashana elihola i-ANCYL KwaZulu-Natal.
Igama likaDuma livela ezinhlangothini ezimbili ezibangayo.
UNksz Mabude, oqhamuka esifundeni iMoses Mabhida, yena ungumgqugquzeli wethimba lesikhashana elihola i-ANCYL KwaZulu-Natal.
Igama likaNksz Mabude lona livela ezinhlangothini ezintathu ezisembangweni wezikhundla.
Elinye igama elivela embangweni wesikhundla sikasihlalo ngelikaMnuz Zwelisha Jeza oqhamuka esifundeni iTolomane Mnyayiza.
Umthombo ozaziyo eze-ANCYL uthe kusangenzeka kuqhamuke abanye abazongenela umbango wezikhundla.
“Izithunywa azikaze zilithole kahle ithuba lokuxoxa. Ingakho ubona kukhona abantu abeseka uMqondisi behlukene phakathi. Bonke bafuna yena ukuthi abe usihlalo kodwa bese beyahlukana uma kuziwa kwezinye izikhundla.
“Lena into ejwayelekile kwipolitiki vele uma kunezingqungquthela. Into ezokwenzeka ukuthi bazogcina bevumelana, kube khona abahoxayo embangweni wezikhundla. Kusangenzeka futhi kube khona abazovele baqhamuke esikhaleni bangenele umbango wezikhundla. Kuningi okusangenzeka.”
Sekunesikhathi eside i-ANCYL ingenabo ubuholi obukhethwe engqungquthelni.
Ingqungquthela yokugcina yokukhetha ubuholi be-ANCYL KwaZulu-Natal yayingo-2017.
Ubuholi obakhethwa kule ngqungquthela bagcina buhlakaziwe kanye nobuholi bukazwelonke.
Sekube nemizamo eminingi yokusingatha ingqungquthela yokukhetha ubuholi baKwaZulu-Natal kule minyaka eyedlule engazange iphumelele.