Kushone osethimbeni elihola i-MK KwaZulu-Natal, uMnuz Canaan Mdletshe.
UMdletshe ushone engozini yemoto eyenzeke ezintathakusa ngoLwesihlanu.
Ngokuthola kweSolezwe, uMdletshe wehlelwe ingozi yemoto eseJozini, ephuma kokhankasela ukhetho lokuchibiyela obeluseMtubatuba.
Okhulumela i-MK, uMnuz Nhlamulo Ndhlela, uthe bebengakabikelwa ngokushona kwalo mholi.
UMdletshe usanda kuqokelwa ethimbeni elihola i-MK KwaZulu-Natal lapho efike wanikezwa khona umsebenzi wokuxhumanisa le nhlangano nabezindaba.
Wajoyina i-MK emva kokulaxaza i-NFP.
Phambilini wayengunobhala jikelele we-NFP, uke wakhulumela umholi we-NFP ongasekho, uNkk Zanele kaMagwaza-Msibi, phambilini wayekade eyintatheli.