UKHOLWA ukuthi uthishanhloko, angasazwani naye, wasebenzisa umfundi "owuhlupho" ukumxoshisa emsebenzini kungafanele, owesilisa obenguthisha esikoleni iMasakhaneni High, KwaMakhutha, eThekwini.
UMnuz Siphelele Ngcobo, uthe wanikwa incwadi emxosha emsebenzini ngo-Okthoba nyakenye, emva kokulahlwa yicala lokudlwengula umfundi obefunda uGrade 11 nyakenye.
UNgcobo uthe ngesikhathi etshelwa uthishanhloko ngo-Ephreli 22, nyakenye, wathi usolwa ngecala lokudlwengula umfundi, embona KwaMakhutha, kuwuMgqibelo ngo-Ephreli 10.
Lokhu kuyavela kwamanye amaphepha anikwa wona maqondana naleli cala.
Okudidayo ukuthi incwadi yokumumisa isikhashana emsebenzini, ayinikwa ngoMeyi nyakenye, yayiveza ukuthi isehlo senzeka esikoleni.
UNgcobo uthe akakaze alenze leli cala, wathi ukhala nangendlela isikole nesifunda okulusingathe ngayo udaba.
“Ngiyakhala ngendlela okwenziwe ngayo izinto. Kuningi okungahanjiswanga ngendlela kwaze kwaba ukuthi ngiyaxoshwa,” kusho uNgcobo.
Uthe esebizelwa esigcawini sokuthi izinhlangothi ezithintekayo, zibhunge ngodaba, umfundi othintekayo nomngani wakhe, okuthiwa wuye ufakazi, abafikanga.
Uthe ngesikhathi sekufanele kuqalwe, wabuza umbuzo wokuthi ngabe yisigcawu esifanele yini lesi ukuthi kudingidwe udaba.
“Ngangibuziswa ukuthi ngokwazi kwami, uma kukhona umuntu okuthiwa uthi udlwenguliwe, kufanele kube khona icala lobugebengu elivuliwe emaphoyiseni. Kulolu daba lalingekho icala elalivuliwe, kuze kube yimanje alikho,” kusho uNgcobo.
Uthe ababesingethe leso sigcawu, bagcina bethi asiguqe ngoba basafuna ukuyophenya ngesikhalo sakhe.
“Ngamangala sengithola incwadi ethi sengixoshiwe emsebenzini ngenxa yecala,” kusho uNgcobo othe ufuna ubulungiswa.
Ukhombise Isolezwe incwadi efungelwe, lapho ‘umngani kamgilwa’, ethi ngeke azihlanganise nento angayibonanga yenzeka, okushiya imibuzo ngokwenzeka kwesigameko njengoba kuthiwa uthishanhloko uthi wazibonela ngawakhe uNgcobo eqhuba umgilwa emusa kubo, lapho okuthiwa wafike wamdlwengulela khona.
Uthe uyakholwa ukuthi ukuxoshwa kwakhe kwakuyinto uthishanhloko ayihlela ngobuchule ngoba efuna kungene omunye uthisha esikhaleni sakhe.
Uthe lo mfundi amsebenzisile, umkhethe ukuba amenzele lokhu ngoba emazi ngokuthi uhlupha ngezidakamizwa nangokushaya amanye amantombazane esikoleni.
“Yena nomngani wakhe, banoxhaxha lwamacala okufanele ngabe sebaxoshelwa wona esikoleni. Ngisola ukuthi wababona bengabafundi abakahle ukuthi abasebenzisele ukungichitha,” usho kanje.
Uthe ngesikhathi emiswa okwesikhashana emsebenzini, akuphelanga sikhathi esingakanani, kwafika uthisha okwathiwa usezofundisa isifundo sakhe.
“Kwaba yimi engiphenduka undingasithebeni, sengifundisa isifundo sakwaGrade 8 no-9, ngisuswa ekufundiseni iMathematics kwaGrade 10 kuya ku-12,” usho kanje.
Uthe phambilini ubenobudlelwane obuhle kakhulu nothishanhloko, kungekho angakwazi ngaye njengoba bebehlala ngandawonye, kodwa kwabuye kwashintsha ngokuhamba kwesikhathi njengoba manje bengasabhekani.
Uveze ukuthi waxoshwa ngaphandle kokuthi isigungu esilawula ukuphathwa kwesikole saziswe.
Usihlalo wesigungu, uMnuz Mdu Khuzwayo uthe beyisigungu sesikole, lolu daba baluzwe emva kwendaba, sekuthiwa umnyango usulusebenze waluqeda.
“Sifisa luphathwe ngendlela ezogculisa zonke izinhlaka ezithintekayo. Lusingathwe ngendlela eneqiniso nebeka izinto zihlale obala ngendlela efanele. Nathi njengesigungu sicatshangelwe ukuthi siyingxenye yokuphathwa kwesikole,” kusho uKhuzwayo, ogcizelele eyokuthi, abazange babikelwa lutho ngalolu daba.
Ucingo lukathishanhloko beluvaliwe noMnyango wezeMfundo awutholakalanga ukuba uphawule ngodaba.