KUSINDA kwehlela kubasebenzi abahola kancane eNingizimu Afrika. Ucwaningo lwakamuva obeluphenya ngokubiza kokudla ludalula ukuthi igilosa yomndeni omkhulu isibiza uR4 966.20.
Ucwaningo olwenziwe yiPietermaritzburg Economic Justice & Dignity Group (PMBEJD) ludalula ukuthi igilosa yomndeni onamalungu ayisikhombisa isuke kuR4 928.34 ngoFebhuwari, yaba wuR4 966.20 uma kuphela uMashi.
UMnuz Mervyn Abrahams obhekelele izinhlelo zePMBEJD, uthe abantu abathwele kanzima kakhulu ngenxa yokubiza kokudla ngabesifazane okuyibona abaqhathanisa amasenti uma beyokwenza igilosa.
Udalule ukuthi ucwaningo balwenza kwabesifazane abathengela imindeni yabo amagilosa abahlala emalokishini ambalwa okuhlanganisa awaseGauteng, awaseThekwini, Mtubatuba, Khayelitsha, Mgungundlovu, nawaseNorthern Cape.
Uthe abasebenzi abahola ngokohlelo lwe-national minimum wage esiwuR4 473.92 abakwazi ukuthenga konke ukudla okudingwa yimindeni yabo ngoba ngisho kunamalungu amancane akusali imali eningi.
“Abasebenzi abahola ngokwe-national minimum wage basebenzisa uR1 584.00 ukugibela amatekisi okuya emsebenzini nokubuyela emakhaya, bakhokhe uR787.50 bethenga ugesi wenyanga okusho ukuthi basala noR2 102.42 ukuthenga ukudla nokwenza ezinye izidingo,” kuchaza u-Abrahams.
Le mali ayanele ngoba kusuke kufanele bathenge nezimonyo nokunye abakudingayo. Ucwaningo luveza ukuthi ukudla okukhulu okubalwa impuphu, irayisi, flawa noshukela kwehlile okungenani ngeshumi. Kube sekunyuka amaphisisi enkukhu njengoba u-10kg usubiza uR397.68 usuka kuR390.68, isaka lamazambane eliwu-10kg seliwuR97.12 lisuka kuR89.56.
Okunye okunyukile kubalwa iklabishi, ubisi, ufishi osethinini, ubhontshisi osethinini, amasi, amasoseji, ubhanana, nezinkwa esimnyama nesimhlophe.
U-Abrahams uthe impilo isazoba nzima kubasebenzi ngoba ngoJulayi omasipala bazonyusa intengo kagesi, okusho ukuthi imindeni izosala nemali encane yokuthenga ukudla nokubhekelela ezinye izidingo.
Ukhombise ukuzwelana nabesifazane wathi isibonelelo sezingane asikwazi ukuthenga ukudla okunomsoco wezingane. Ugqugquzele uhulumeni ukuthi aqhubeke nokuholela abantu isibonelelo sabangasebenzi futhi enze izinhlelo zokusinyusa ukuze kubhekelelwe imindeni empofu.
U-Abrahams ubalule nokuthi imindeni eminingi inamalungu angasebenzi ngakho ithembela emalini yesibonelelo sezingane, eyabangasebenzi neyempesheni yabadala.