UMPHATHISWA woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi uNksz Mbali Shinga, uthe bazosungula izigcawu zezingxoxo ngezinkinga zomphakathi waseChibini, eHlokozi.
Usho kanje ngoMsombuluko emva kokuhambela umndeni wakwaKhambule lapho okwadutshulwa kwabulawa kuwo amalungu ayisikhombisa ngoLwesithathu olwedlule.
Kulesi sigameko kwashona umama wekhaya uBahlakaniphile Khambule (64), indodakazi yakhe uPhilile Khambule (39), umalokazana uNompilo Khambule (34), isihlobo uSkhumbuzo Khambule nabazukulu oLisa Khambule (9), Siphosethu Khambule (9) noZemvelo Khambule (5).
Kuthiwa wahlaselwa sekuhwalele, ngesikhathi ubuka ithelevishini.
Kuthiwa kwagasele abantu abangaziwa, bavulela ngenhlamvu kulo mndeni okuthiwa wawuhleli egumbini lokuphumula.
Ngesikhathi ehambele khona uNksz Shinga, uthe emva kwalesi sigameko, bazophusha ukuthi kube nezigcawu emphakathini lapho kuzodingidwa khona izinkinga zokungaboni ngasolinye.
“Izakhamuzi kufanele zikwazi ukuhlala phansi zixoxe ngezinkinga zazo ngoba ukubulala akusona isisombululo,” kusho uNksz Shinga, othe kuba kubi kakhulu uma kubulawa abesifazane nezingane, abangakwazi ukuzilwela.
“Uma behluleka ukuxazulula izinkinga zabo, bangabika ngisho nasebuholini bomphakathi ukuze bungenelele,” kusho uNksz Shinga.
Uthe umndeni wakwaKhambule usazoqhubeka nokunikwa usizo lokwelulekwa ngokwengqondo emva kokwehlelwa yisigameko.
“Siyabanxusa ukuthi balusebenzise usizo losonhlalakahle esibalungisele lona ngoba isehlakalo esibehlele sinzima,” kusho uNksz Shinga.
Uthe nangomngcwabo kanjalo nangemumva kwawo, lolu sizo luzoqhubeka kuze kuba ukuthi kuyacaca ukuthi sebengcono.
Ngesikhathi Isolezwe lihambele endaweni yesigameko ngeledlule, umndeni waveza ukuthi kwenzeka isigameko nje, bekulokhu kufika abantu abangaziwa behlomile, befuna ngoshova esinye isihlobo esiboshiwe.
Kuthiwa lokhu kwaze kwaholela ekutheni umama wekhaya athi unkosikazi kalona wesilisa akeze azoquba ekhaya elikhulu nezingane, kanti abasolwa bazofika bazoqotha imbokodo nesisekelo kwababesegcekeni ngosuku lwesigameko.