ITSHE limi ngothi kubahlali baseThekwini njengoba umasipala uphakamisa ukunyusa ugesi namanzi. Umasipala uphakamisa ukuthi amanzi anyuswe ngo-15%, ugesi wona ngo-12.72%.
Lesi siphakamiso siqukethwe kwisabelomali somkhandlu esingakaphothulwa esethulwe emhlanganweni womkhandlu obungoMsombuluko.
Iphakamisa isabelomali, iMeya, uMnuz Cyril Xaba, ithe okwenza ukuthi umasipala uphakamise ukunyusa lezi zidingo zombili ukuthi zinyukile emuva lapho umasipala uzithenga khona.
Inkampani ehlinzeka ngogesi, i-Eskom, inyuse ugesi ngo-11.32, inhlangano ehlinzeka umkhandlu ngamanzi, uMngeni-uThukela Water, yona inyuse amanzi ngo-13.5%.
UXaba uthe nabo abahambisani nokunyuswa kwamanzi nogesi.
"Siyingxenye yemizamo yenhlangano yohulumeni basekhaya, iSA Local Government Association (Salga), yokuphika ukwenyuswa kwamanzi nogesi. I-Salga ixoxa noNgqongqoshe wezaManzi neNhlanzeko (uNkk Pemmy Majodina), silinde impendulo yakhe."
Umasipala uphinde uphakamise ukuba kunyuswe imali yenhlanzeko ngo-13%, bese kuthi eyokuqoqwa kukadoti yona inyuswe ngo-9.9%.
Lezi ziphakamiso kusazoxoxwa ngazo njengoba kusazovulwa nethuba lokuba abantu babeke uvo lwabo.
I-DA iphumele obala yathi ayihambisani nokunyuswa kukagesi namanzi.
Ohola iDA eThekwini, uMnuz Thabani Mthethwa, uthe ukunyuswa kukagesi namanzi kuzoshaya kuzwele ebantwini abahlwempu kanye nasemabhizinisi adonsa ngodizili.
"Sibona sengathi umasipala uyehluleka ukucabangela abantu. Sinxusa ukuthi abantu baseThekwini baphikisane nalezi ziphakamiso uma sekuvulwe ithuba lokuthi abantu balethe imibono yabo."
UMthethwa uphinde wakhala nangokuthi amakhansela awazange anikezwe isikhathi esanele ukuthi alungiselele umhlangano wangoMsombuluko, wathi anikezwe imizuzu nje ewu-15 ukuba alungiselele ukuyokhuluma ngalolu daba.
Ikhansela le-ActionSA, uMnuz Zwakele Mncwango, lithe kuzozwela kakhulu ukunyuswa kwamanzi nogesi.
"Abantu bavele bathwele kanzima kuyimanje, lezi zidingo ziyabiza kakhulu eThekwini uma uqhathanisa nakwezinye izindawo. Okubi ukuthi abantu babhekene nenkinga yokuhluswa amanzi nogesi."
Ikhansela le-ANC, uMnuz Nkosenhle Madlala, lithe bayayeseka imizamo yokuphikisa ukunyuswa kwamanzi nogesi yizinkampani ezihlinzeka lezi zidingo.
"Ngaso sonke isikhathi kufanele senze isiqiniseko sokuthi abantu bayakwazi ukukhokhela izidingo zomkhandlu, siphinde senze isiqiniseko sokuthi umasipala awungeni enkingeni yokuswela imali yokukhokhela izinkampani ezihlinzeka lezidingo."
Sisonke isabelomali sikaMasipala weTheku sanonyaka singu-R78 billion.