UNdunankulu waKwaZulu-Natal uNkk Nomusa Dube-Ncube, usejube ithimba elizophenya kabanzi ngezinkulumo zabahleli bemicimbi uXolani Mcineka noKini Shandu, okuthiwa zijivaza abesifazane.
UMcineka ongusombabhizinisi udume ngomcimbi kamaskandi, iMpucuzeko Maskandi Festival. UKini yena obuye abe wumethuli wezinhlelo, ulingisa emdlaweni Umkhokha:The Curse oyintantokazi kubantu. Ungumsunguli wezindondo eziqhakambisa iqhaza labesifazane, iSebenza Women Awards.
UMcineka noKini bangaphansi kwengcindezi emuva kokuthi bekhulume ngabesifazane abathola izingane bengakagani nokuthi kufanele yini bashadwe. La madoda azithintele isidleke seziqandu kwabesifazane ezinkundleni zokuxhumana abebeshiya abangalazi.
Owesifazane obesho ukubaqeda, wumsakazi uJacinta Ngobese obelokhu egadlile ebahlaba ebahlikiza laba balisa ngezinkulumo zabo.
Kwale ngisho sebezama ukubhula umlilo bexolisa, kwaba nhlanga zimuka nomoya abesifazane bengezwa mshini.
Ihhovisi likandunankulu likhiphe isitatimende lithi lisitholile isikhalo ebesibhalwe phansi.
“UNdunankulu uDube-Ncube ujube ithimba elibizwa nge-Office on the Status of Women ukuba lenze uphenyo kahle, luqoqe yonke imininingwane.
Kufanele kuxoxwe kabanzi nabafake isikhalo nalabo abasolwayo banikwe ithuba bachaze, ukuze udaba lucace kahle,’’ kusho isitatimende.
Ihhovisi likandunankulu lithe liyalugxeka udlame olubhekiswe kwabesifazane, noma ngabe luqhamuka ngayiphi indlela, luyinto nje engafuneki. Undunankulu uthe kubalulekile ukuthi uma kubhekwana nalolu daba kwenziwe ubulungiswa, kulalelwe kahle zonke izinhlangothi futhi kungabi nokwenzelela.
Undunankulu uthe nakuba belusingethe udaba kodwa bayexwayisa ukuthi labo abasolwayo bame ukukhuluma budedengu. Uthe akufanele bakhulume into engase yenze isimo sibhebhetheke kakhulu.