UZOGCOTSHWA bese enekela izwe umkhombandlela ngezinhlelo zikahulumeni wobumbano, uMengameli Cyril Ramaphosa, emcimbini okuzobe kusindwe ngobethole, ozoba sezindlini zoMbuso e-Union Building, ePitoli, namhlanje.
URamaphosa uzogcotshwa yinhloko yamajaji, iJaji uRaymond Zondo, kulo mcimbi okulindeleke ukuthi uhanjelwe omengameli bamanye amazwe ase-Afrika, amalungu ePhalamende, abaholi bamaqembu ezepolitiki, izicukuthwane ezehlukene, abantu bakuleli kanjalo nondunankulu bezifundazwe.
Abezokuphepha bami ngomumo ukubhekana nosikhwili phambana nobhoko, abazophula umthetho.
Utshwala, izidakamizwa, izikhali eziyingozi, amabhodlela nama-kani akuvumelekile lapho kuzobe kubanjelwe khona umcimbi.
Imigwaqo eseduzane nezindlu zoMbuso, izobe ivaliwe kungangeneki ngezimoto.
Abantu abazothamela lo mcimbi bazobe behlinzekwe ngezokuthutha.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, uthe bahlale beyilungele imicimbi efuze le ukugada abaphula umthetho.
UCele obekhuluma esithangamini soNgqongqoshe bezokuphepha ezweni muva nje, uveze ukuthi akukho okuzokwenzeka uma sekugcotshwa umengameli ngoba naphambilini ziningi izinto obekusatshiswa ngazo ukuthi zizokwenzeka, kodwa ezigcine ngokungenzeki.
Ubale eyangesikhathi kuzoba nokhetho, wathi kukhona ababethi kuzoba nodlame, nangesikhathi kumele kukhishwe imiphumela yokhetho, okwagcina ngokuthi kungenzeki lutho.
“Nangesikhathi kumele kuhlale iPhalamende okokuqala likhethe umengameli kanjalo nosomlomo, kwakunengebhe yokuthi kukhona okungase kwenzeke. Namanje akukho okuzokwenzeka, siyizingovolo siqaphe kwasani,” usho kanje uCele.
Inkulumo kaRamaphosa ibhekwe ngabomvu njengoba kukhona uhulumeni ohlanganisa amaqembu ahlukene.
Okwamanje mahlanu amaqembu ayingxenye kahulumeni, aholwa yi-ANC, kube ne-DA, IFP, Patriotic Alliance neGood.
Izingxoxo zisaqhubeka namanye amaqembu mayelana nokwengeza amanye amaqembu kulo hulumeni.
Ngemuva kokugcotshwa kukaRamaphosa, kulindeleke ukuthi amemezele iKhabhinethi yakhe ezobe ihlanganisa amaqembu ahlukene.
Kule Khabhinethi kuthiwa iPhini likaRamaphosa uMnuz Paul Mashatile, maningi amathuba okuthi likhuze ibuya kulesi sikhundla.
Amanye amaqembu wona kuthiwa azothola izikhundla zongqongqoshe namaphini oNgqongqoshe kanjalo nokwengamela amakomiti ahlukene ePhalamende.
Minyaka yonke uma kuzomenyezelwa iKhabhinethi entsha, kuhlale kuhlatshwa ikhwelo lokuthi sehliswe isibalo songqongqoshe beKhabhinethi ngoba baningi kakhulu.
Phambilini, i-DA ibihlale ikhala ngokuthi kuncishiswe isibalo seKhabhinethi ngoba kwengezwa izindleko ezingenasidingo.
Nakulokhu ezinye izinhlangano ezehlukene okubalwa ne-ActionSA, ahlabe ikhwelo lokuthi kwehliswe isibalo seKhabhinethi.
UNobhala Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, utshele abezindaba ukuthi uRamaphosa uzokhetha iKhabhinethi yakhe ezobe ihlanganisa namalungu akwamanye amaqembu.
UMbalula uveze ukuthi uma seziphothuliwe izingxoxo uRamaphosa uyomemezela iKhabhinethi yakhe.
Uveze ukuthi izinto eziseqhulwini kuhulumeni yindaba yokuphucula umnotho, ukwakha amathuba emisebenzi, ukuvikela amalungelo abasebenzi, ukuvikela amalungelo abesifazane, ukuphucula ezemfundo, ukulwa nobugebengu nenkohlakalo kanjalo nendaba yokuvikela imigomo ethinta ubudlelwano namanye amazwe.
URamaphosa uzohlonishwa ngumbutho wezokuvikela okubalwa ukuqhunyiswa kwezibhamu, ukuviliyela kwezindiza emoyeni.
Kuzonandisa amaciko ahlukene okubalwa uSjava, Vicky Sampson, Makhadzi nabanye.