USEQOKELWE kwesinye isikhundla esiphezulu sokuphatha eminye iminyango kahulumeni, oyinhloko yoMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal.
UDkt Enock Nzama uqokelwe ukuba ngusihlalo wekomiti leSocial Protection, Human and Community Development Technical Cluster. Uqokwe nguNdunankulu KwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala kulesi sikhundla esinikezwa abayizinhloko zeminyango kahulumeni.
Usihlalo waleli komiti umsebenzi wakhe ukwehlisa ububha emphakathini, abheke nezinye izindaba zezenhlalakahle.
Ememezela ukuqokwa kukaDkt Nzama kulesi sikhundla, uZikalala uthe akangabazi ukuthi kuqokwe umuntu ofanele.
“Angingabazi ukuthi uzokwenza umsebenzi omkhulu ukuthuthukisa impilo yabantu kulesi sifundazwe nakuzwelonke,” kusho uZikalala.
UDkt Nzama uthe uyazithoba ngendlela abona ubuholi besifundazweni bumethemba ngayo. Uthembise ukuthi uzowenza ngokwethembeka umsebenzi abekelwe wona kulesi sikhundla esisha.
Echazela Isolezwe ngesikhundla esisha, uDkt Nzama uthe asizophazamisa umsebenzi woMnyango wezeMfundo awenzayo. Kunalokho uthe kuzokwanda umsebenzi.
“Ngizobe ngibheke neminye iminyango okubalwa owezokuHlaliswa kwaBantu neMisebenzi kaHulumeni esifundazweni nezinye izindaba zomphakathi. Kuzothunyelwa kimina imibiko eqondene nale minyango bese ngiyidlulisela ekomitini elikhulu eliya kwiKhabhinethi, inhloso yalo ukuthuthukisa yonke imikhakha kahulumeni,” kusho uDkt Nzama.
Uthe asikho isikhathi abekelwe sona ukusebenza kuleli komiti kodwa obekhona ngaphambi kwakhe uhlale iminyaka emithathu.
Uveze ukuthi useqalile imisebenzi ayibekelwe kuleli komiti njengoba isimemezelo sikandunankulu siphume ngoLwesibili.
UDkt Nzama waqala ukusebenzela uMnyango wezeMfundo ngo-1983, waqala ukufundisa Ohlange High, eNanda. Ngo-1987 waba nguthishanhloko eLihlithemba High eNdwedwe, wabuye waba nguthishanhloko waseSivananda Technical and Comprehensive High KwaMashu ngo-1993.
Uke waba yiphini leChief Education Specialist, eqondene nezindaba zabasebenzi, ukuphathwa nokulawulwa kwezemfundo. Ngo-2001 waba yiChief Education Specialist ebhekene nomsebenzi ofanayo.
Ngo-2002 waba ngumqondisi we-Education Provisioning, wabuye waba nguChief Director wamaTVET College kusukela ngo-2003 kuya ku-2013.
Waqokelwa esikhundleni sokuba yinhloko yoMnyango wezeMfundo ngo-2016.