ZIYAQONGA izinkinga esibhedlela saKwaMashu esisanda kuvulwa, iDr Pixley ka-Isaka Seme Memorial.
Izolo, abasebenzi kubo okukhona abahlengikazi abasebenza emagumbini okuhlinza, abasebenza emawodini ajwayelekile onogada nabahlanzayo baqale ngokumasha bekhala ngokwehliswa komholo kwabanye, ukungavunyelwa ukuthatha ikhefu lokudla nokunye.
Ngenyanga edlule, umphakathi wakule ndawo uke wathela isihlabathi esangweni, kwaphazamiseka ukusebenza, uthi ufuna ukwazi ukuthi uzoqashwa nini ngoba ubona sekusetshenzwa ekubeni kwakuthiwe uzobhekelelwa emisebenzini engadingi amakhono.
UMnuz Mlungisi Ndlovu wenyunyana yabasebenzi iPublic Servants Association (PSA) KwaZulu-Natal, uthe abasebenzi abasebenza emagunjini okuhlinza kulesi sibhedlela abakwazi ukuthatha ikhefu lokuyodla ngoba bancane abasebenzi abaningi bashiyile ngoba abaphathi bakulesi sibhedlela baphethe ngesandla sensimbi abanye basemalivini.
"Siyajabula ukuthi lesi sibhedlela sivuliwe kodwa akukapheli nezinyanga eziyisithupha sekwesule abantu abangaphezulu kweshumi abasebenza emagunjini okuhlinza.
“Ngaphezu kwalokho, laba basebenzi abangasakwazi nokuthola ikhefu bahlukunyezwa wumphakathi wakule ndawo owashiywa ngaphandle ngesikhathi kuqashwa. Akuthina esiqashayo kodwa manje amalungu ethu azithola esebebheke nenkinga ngoba aqashe khona emphakathini ngoba azikho izindawo zokuhlala zabasebenzi ezingaphakathi esibhedlela.
“Isibhedlela esinjani esikuleli zinga esingenayo indawo yikuhlala? Umphathi wabahlengikazi wakulesi sibhedlela akayazi inqubo yokusebenza kukahulumeni, wenza okuthandwa nguye okudala izinkinga ezizoholela ekutheni iningi labasebenzi lishiye," kusho yena.
Uqhube wathi kunabasebenzi abaqashwa besezigabeni eziphezulu behliswa besahole izinyanga ezimbalwa kwathiwa kwenzeka iphutha kwakungamele banikwe lezo zigaba.
"Abaphathi abafuni ukukhuluma nathi siyinyunyana silungise ezinye zezinto okubalwa kuzo indaba yezindawo zokupaka. Abasebenzi bapaka ngaphandle okuyingozi," kusho yena.
Omunye wabasebenzi ocele ukungadalulwa, uthe umnyango awuzange uwuchazele umphakathi ngokusebenza kwalesi sibhedlela. Abantu bayafika belethe iziguli kanti lesi sibhedlela samukela iziguli ezidluliswe ngezinye izikhungo zezempilo kuphela.
"Konke lokho kubhekana nathi umphakathi usisongele ngoba ucabanga ukuthi asifuni ukusebenza kanti umnyango ohlela ukuthi isibhedlela sizosebenza kanjani, hhayi thina," kusho lo msebenzi.
UMnuz Mandla Shabangu oyiphini lenhloko yehhovisi elibhekelele izindaba zabasebenzi enhloko-hhovisi yoMnyango wezeMpilo eKZN, owemukele uhlu lwezikhalo, uthe umnyango usazozicubungula izikhalo bese uyaphendula.
"Kulezi zikhalo kukhona nezikhalo ezingadingi ukuthi zize zifike enhloko-hhovisi ezifana nezindaba zokupaka nokusebenza kwansuku zonke lokho sizokusukumela kuqala," kusho yena.