LIZA kulesi sifundazwe ikomiti leMfundo eyisiSekelo ePhalamende, ukuzolalela ukuphawula komphakathi ngomthethosivivinywa othinta izikole, iBasic Education Laws Amendment Bill, ofaka ukudayiswa kotshwala ezikoleni.
Leli komiti lisemkhankasweni wokuhambela izifundazwe ezahlukene njengoba namhlanje liseMgungundlovu.
Usihlalo wekomiti uNkk Bongiwe Mbinqo-Gigaba, uthe lezi zigcawu zivuleleke kuwo wonke ukuthi abeke umbono ngalo mthethosivivinywa.
Uthe kuchitshiyelwa ezinye izigaba zomthetho olawula izikole ka-1996 kanjalo nobhekele ukuqasha othisha wango-1998, ukuze ihambisane nesimo samanje sezemfundo.
“Ezinye zezinto eziseqhulwini ngukuthi uGrade R ube yimpoqo kuleli, njengoba okwamanje kunguGrade 1 oyimpoqo. Okunye ngukuthi abazali kumele bathathelwe izinyathelo zomthetho uma bengaqikeleli ukuthi izingane zabo zisesikoleni, bangaboshwa babhadle izinyanga ezingu-12 ejele noma bakhokhe inhlawulo.”
Okunye okuqukethwe kulo mthethosivivinywa ngukuthi kumele kubhaliswe abafundi abafundela emakhaya, wukuvimbela othisha ukuthi benze umsebenzi nohulumeni.
Kuhlukane imibono ezigcawini zakwezinye izifundazwe njengoba abanye bekhale ngokuthi inhloso yalo mthethosivivinywa wukunqinda amandla izigungu zabazali ezikoleni ukuthi zithathe izinqumo uma sekugcwele esikoleni.
Zifuna nokuthi kuqhubeke kube yizo ezizonquma uma isikole sesigcwele kungabi yisinqumo senhloko yoMnyango wezeMfundo kuleso sifundazwe.
Okunye okuhlongozwayo ngukuthi izigungu zabazali kumele zidalule izinto ezithinta imali kanjalo nemindeni yalawo malungu.
Sekuke kwakhalwa nangendaba yokuthi bungadayiswa utshwala ezikoleni noma kuthiwa kwenziwa umcimbi wokuqoqwa kwemali.
Okunye okugqamile kulezi ziphakamiso yindaba yokuvalwa unomphela kwenduku ezikoleni nokuqeda umkhuba wokuhlushwa noma ‘ukufikisa’ abafundi abasha ezikoleni.
Leli komiti selihambele izifundazwe iLimpopo, Free State, North West, Mpumalanga neGauteng.
“Sinxusa umphakathi wase-KZN ukuthi uphume uzokwenza izethulo kulezi zigcawu. Sinqume ukwenza lezi zigcawu kusuka ngoLwesihlanu kuze kube yiSonto ukuze izinhlaka ezehlukene zikwazi ukuzokwenza izethulo zazo nokuthi umphakathi uthole isikhathi esanele sokuzophawula.”
Leli komiti liqale lezi zigcawu namhlanje eMkhanyakude, ehholo iMachibini. Kusasa lisePietermaritzburg City Hall, kusuka ngo-12 emini kuya ku-4 ntambama. NgeSonto lisePinetown Civic Centre, kusuka ngo-12 emini kuya ku-4 ntambama.