ABAZI ukuthi bazothathani bese beyihlanganisa nani abasebenzi benye yezinkampani ezihlonishwayo edume ngokuthi eyempunyela uMnuz Patrice Motsepe.
Inkampani i-Assmang Manganese eseCato Ridge, ngaKwaXimba, eyaziwayo eyenza imikhiqizo yensimbi okukhona ne-manganese, sekuvele ukuthi sekusele kancane ngaphambi kokuphothulwa kohlelo oluqhubekayo lokuvala thaqa ukusebenza kwayo.
Omunye wabasebenzi enkampanini ongathandanga ukuthi kudalulwe igama lakhe, odalule ukuthi usesebenze kule nkampani iminyaka ewu-15, uthe isimo sibi kakhulu kubona bonke abasebenzi benkampani abangaphezu kuka-600 uma sekubalwa nabayitoho njengoba bengazi ukuthi bazomisa kanjani uma sekuvalwa le nkampani ekupheleni kukaMeyi nonyaka.
Uthe ngendlela isimo esibi ngakhona akusasebenzeki kahle ngenxa yokuthi emiqondweni yabo kuduma ukuthi kuzogamanxa unyaka sebengomahlalela, kangangokuthi sekufufusa nombhikisho okuhlelwa ukuthi ube ngoLwesihlanu ukuzama izaba zokuphikisa isinqumo sabaqashi sokuvala inkampani.
“Nakuba saziswa ngesinqumo senkampani ngo-Okthoba nyakenye kepha yinto engakaze yamukeleke ngoba akekho noyedwa umuntu ongamukela ukuthi umsebenzi uphelile ngale ndlela. Sonke siphatheke kabi ngenxa yalokhu ngoba le nkampani ibiwusizo kakhulu emphakathini ikakhulu ebantwini abakhele u-ward 1 KwaXimba,” kusho umsebenzi.
Eqhuba, uthe bafisa ukuthi kube khona izaba ezingenziwa ngabaphathi futhi kungenele nanoma wubani omunye nezinhlaka ezehlukene zikahulumeni ukusiza ukuhlenga imisebenzi.
“Siyakuqonda ukuthi isimo somnotho wezwe siyantengantenga futhi ziningi izinto ezingazinzile nezenza ukuthi inkampani ibe sesimeni esichazele ukuthi ikusona manje, kepha futhi kuzoba yinkinga enkulu ukulahleka kwemisebenzi engaka ngoba akuzukuba lula kulaba basebenzi ukuqasheka kwezinye izindawo ngoba baningi kakhulu,” usho kanje.
Kuthintwa ikhansela lakule ndawo, uMnuz Thembo Ntuli, licele ukuthi libuye lithintwe emva kwemizuzu ewu-20, okuthe seluthintwa futhi ucingo lwalo bese lukhala, lungabanjwa muntu.
Le nkampani kudume ukuthi ngekaMotsepe ngoba ngo-2008 ngenkathi kuqhume amabhodwe okupheka insimbi wazifikela mathupha ezokhuluma nabasebenzi. Ngaleso sikhathi kwahlaluka ukuthi i-African Rainbow Minerals yale mpunyela yayinamavenge angu-50 kule nkampani ewusizo ngemisebenzi ebantwini abakhele izindawo ezifana neHammarsdale, Ntshangwe, KwaXimba nakwezinye ezisondelene nazo.
Kuvela lokhu nje, isimo asisihle embonini yensimbi njengoba kunezinhlelo zokuthi i-ArcelorMittal idilize abasebenzi ababalelwa ku-3 500.Kusanda kudilizwa abasebenzi ababalelwa ku-2 220 ezinhlelweni ezehlukene phakathi kweNewcastle (KwaZulu-Natal) neVanderbijlpark, Vereeninging (Gauteng). Lezi zinhlelo zizoba nomthelela omubi hhayi kubasebenzi be-ArcelorMittal kuphela kodwa ezweni jikelele. Abasebenzi base-ArcelorMittal bake babhekana nalokhu kudilizwa eminyakeni embalwa edlule, kepha manje sekukhulunywa eyokuvalwa kwenkampani.
Abase-Assmang nabe-African Rainbow Minerals abatholakalanga ukuba baphawule ngalolu daba.