IKHABHINETHI isichithe imibiko yokuthi kunabalimi abamhlophe ababalelwa ku-72 000 abafuna ukufudukela eMelika, ngoba behleli lubhojozi kuleli.
Ngokombiko woMnyango wezoLimo, iStats SA kanjalo nenhlangano yabalimi i-AgriSA, elakuleli linabalimi abangu-41 000 kuphela, ngakho akukwazi ukuthi kungaba nesibalo esingaka sabafuna ukuyobhaca eMelika.
Lokhu kushiwo nguNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli, uNksz Khumbudzo Ntshavheni, izolo, esithangamini sabezindaba ngemuva komhlangano weKhabhinethi.
"Sikhathazekile ngokuqhubeka kokufafazwa kwamanga ngezwe yizinhlangano iSolidarity ne-AfriForum. Abezomthetho bahlanganile ne-AfriForum mayelana nezinsolo zokuthi abantu abamhlophe bayabulawa kuleli ikakhulu abasemapulazini. Kulo mhlangano i-AfriForum ivumile ukuthi izibalo ezikhishwa nguNgqongqoshe wamaPhoyisa ngokubulawa kwabalimi ziqondile. Iveze nokuthi iyazi ukuthi kokunye, ukubulawa kwabalimi kwenziwa ngabanye babantu abayimindeni yabalimi," usho kanje.
Uthe kungampampunge ukuthi kukhona abalimi abaningi kangaka abayozinza eMelika ngoba bemenywe nguhulumeni wakhona, ngenxa yokuthi bayabulawa kuleli.
UMengameli waseMelika uMnuz Donald Trump, wavulela abalimi abamhlophe izandla zokuthi bangeza ukuzogoba amadlangala ezweni lakhe ngoba bayabulawa kuleli. Wakusho lokhu ekhala nangokuthi elakuleli lisayine imithetho ehlukumeza abamhlophe njengowokubuyiswa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo.
UNksz Ntshavheni uthe bayaqhubeka nemizamo yokuzama ukuxoxa neMelika ngezinto ezithinta ubudlelwano phakathi kwelakuleli naleliya lizwe.
Lokhu kwenza wahoxisa noxhaso lwezempilo kuleli, ebelusiza empini yokulwa nokusabalala kwe-HIV.
Odabeni oluthinta ukushintshwa kwamakhadi amadala akwaSassa, kushintshelwa kwamasha asePostbank kulabo abahola izibonelelo, uNksz Ntshavheni uthe kunenhlansi yethemba njengoba umnqamulajuqu wokuwashintsha usungo-Ephreli 30, 2025.
"ISassa iveze ukuthi sekusele cishe abangu-800 000 abangakawashintshi amakhadi abo. Izwakalise ukuthi inethemba lokuthi kuzothi kuphela inyanga ezayo, ibe isiluphothulile lolu hlelo," usho kanje.
ISassa nePostbank banesithangami namhlanje ngebanga eselihanjiwe ekushintshweni kwamakhadi.
Uthe iKhabhinethi yamukele nokuboshwa kwabasolwa abangu-12 892, phakathi kukaMashi 17 noMashi 23, ngaphansi komkhankaso i-Operation Shanela.
"Kwababoshiwe kukhona abangu-1 753 abebefunelwa amacala afaka ukubulala, ukudlwengula, ukugqekeza, abangu-1 794 bona bebefunelwa amacala okushaya ngenhloso yokulimaza. Kuboshwe nabadayisa izidakamizwa abangu-203, abangu-115 babanjwe nezibhamu ezingekho emthethweni."
Ubalule nokuthi kunemizamo yokulwa nokubhebhetheka kwesifo samatele KwaZulu-Natal.
"Kufakwe nabanye omasipala ngaphansi kwabazoqashwa ngelokhozi mayelana nokubhebhetheka kwesifo samatele. Omasipala abengeziwe kubalwa iBig Five Hlabisa, Mtubatuba, KwaNongoma, Lundi, Mhlabuyalingana, Jozini, Pongolo, Abaqulusi, Mfolozi, Mhlathuze, Mthonjaneni, Nquthu, Nkandla, Mlalazi neMandeni. Akukho mfuyo ezosuswa kulezi zindawo iyiswe kwezinye ngaphandle kwemvume ukunqanda ukubhebhetheka kwalesi sifo."