KUZOSHAYEKA abahlala emijondolo nabalimi abasafufusa kuncishiswa imali eyabelwe uhulumeni waKwaZulu-Natal.
UMgcinimafa kazwelonke unciphise imali yokuthuthukiswa kwemijondolo, neyokuthuthukisa abalimi abasafufusa eyabelwa iKwaZulu-Natal njengoba siqhubeka nokuba sibi isimo sezezimali kuhulumeni.
Izindaba zokuncishiswa kwemali eyabelwe uhulumeni waKwaZulu-Natal zidalulwe uMphathiswa wezeziMali, uNkk Peggy Nkonyeni, ngesikhathi ethula isabelosemali, izolo, esiShayamthetho.
Imali ebekelwe ukuthuthukisa imijondolo, i-Informal Settlements Upgrading Partnership Grant, incishiswe ngo-R228.6 million kunyaka wezimali ozayo.
UNkk Nkonyeni uthe uMgcinimafa kazwelonke unqume ukunciphisa le mali ukuze kuzogcwaliselwa emalini eyabelwe ukunyusela abasebenzi bakahulumeni imiholo.
Inhloso yemali encishisiwe ukuhlinzeka abahlala emijondolo ngamanzi, ugesi, ukuthuthwa kwendle, nemigwaqo.
UNkk Nkonyeni uthe enye imali ebekelwe ukuthuthukisa ezokuhlaliswa kwabantu, iHuman Settlements Development Grant, nayo incishiswe ngo-R268.7 million.
Nayo le mali ethathwe kwisabelomali izogcwalisela emalini eyabelwe ukunyusela abasebenzi bakahulumeni imiholo.
Imali eyabelwe ukulekelela abalimi abamnyama abasafufusa, Ilima/Letsema Projects Grant, inciphiswe ngo-R24 million.
"UMgcinimafa kazwelonke uthathe le mali wayoyifaka ohlelweni lukamengameli lokudala amathuba emisebenzi."
UNkk Nkonyeni uthe isiyonke imali okuncishiswe ngayo isabelomali sesifundazwe kulo nyaka wezimali ozayo ingu-R4 billion.
Izoqhubeka nokuncishiswa ngemali engaphezu kukaR4 billion kwiminyaka emithathu yezimali ezayo.
UNkk Nkonyeni uthe akuzange kube lula ukunciphisa isabelomali.
"Uma sibuka ukuthi kufanele kwenziwe kanjani ukunciphisa isabelomali kulo nyaka bekufanele sijule, ngoba sesibe neminyaka eminingi yokuncishiswa kwaso, ngakho ke akukho lula ukukwenza kulo nyaka wezimali. Isabelomali sesifundazwe asikho esimweni esihle. Kodwa ke akukho ebesingakwenza, yingakho kumele sikwenze kuze kuba isimo somnotho siyashintsha."
UNkk Nkonyeni uthe iminyango kahulumeni yezifundazwe kufanele izibambe ziqine njengoba umnotho ukhula kancane.
Uthe babheke ukuthi umnotho waKwaZulu-Natal ukhule kangcono uma sekuxazululwe inkinga yokushoda kukagesi.
UMnyango wezeMfundo nowezeMpilo iyona ethola isabelo esibhekile.
Isabelosemali sesifundazwe singu-R150 billion.
UMnyango wezeMfundo uthole uR62 billion, owezeMpilo wathola uR53 billion, kwathi owezokuThutha wona wathola uR13 billion.
UMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho uthole uR3.4 billion, owezokuThuthukiswa koMphakathi nawo wathola uR3.4 billion, kwathi owezokuHlaliswa kwaBantu wathola uR3.5 billion.
UMnyango wezoLimo uthole uR2,6 billion, owezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uthole uR1.7 billion, owezeMisebenzi yoMphakathi wathola uR1.8 billion, kwathi owezeMidlalo wona wathola uR1.5 billion.
IHhovisi likaNdunankulu lithole uR784 million, elikaSomlomo lithole uR782 million, elikaMgcinimafa lathola uR680 million, kwathi uMnyango wezokuPhepha koMphakathi wona wathola uR243 million.