ISILO uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini siqoke umnikazi wendawo yokudlela edumile eThekwini, njengeShansela laseNdlunkulu.
USibongiseni Mageza Mbambo wethulwe ngokusemthethweni embizweni ebisesigodlweni eMashobeni, oPhongolo, ngoLwesihlanu.
Wethulwa kanye noNododile Faku osephethe ihhovisi elizimele leSilo.
Imisebenzi kaMbambo ihlanganisa ukweluleka oNgangezwe Lakhe ezindabeni zezepolitiki, ezomnotho nezenhlalakahle, ukwengamela ukuphathwa kobukhosi, ukuqinisekisa ukuthi umyalelo weSilo nemigomo yobukhosi isetshenziswa ngendlela efanele.
Uzoklama indima yokweseka undunankulu kaZulu
Okunye okusemahlombe kaMbambo wukwakha ubudlelwano kwezamabhizinisi nezinhlelo zomnotho ukukhuthaza ukukhula nokuthuthukiswa komphakathi.
Uzophinde amele iSilo nobukhosi ezindabeni zamanxusa kuleli nakwamanye amazwe ukuze aqinise ubudlelwano namanye amakhosi, ohulumeni kanye nezikhungo zomhlaba.
Lokhu kusho ukuthi uzoba yinxusa laseNdlunkulu ayiqhakhambise, akhe isithombe esihle ngayo, aqinise ekuqhakambiseni amagugu namasiko kanye nombuso wamaZulu ezinkundleni zomhlaba.
Ephawula ngokuqokwa kwakhe, uMbambo uthe uthuke kwaphela nasozwaneni ngesikhathi iSilo simtshela okokuqala ngokuqokwa nemisebenzi ehambisana nalesi sikhundla ngoba ubengakaze acabange ukuthi iSilo singamthwesa ijoka elingaka. Uthe uthobekile futhi uyakuhlonipha ukuqokwa kwakhe futhi wazibophezela ukuthi uzosebenzela isizwe samaZulu ngokuzimisela.
“Ngithobekile futhi ngiyakuhlonipha ukuqokwa kwami. Akuzange kungene emqondweni wami ukuthi ngelinye ilanga oNgangezwe Lakhe uyongiphathisa isikhundla esibaluleke kangaka sokusebenzela isizwe samaZulu, nokho ngiyazibophezela ukuthi ngizosebenzisa wonke amakhono ami ukuze kusizakale ubukhosi bakwaZulu nezikhonzi zeSilo,” kusho uMbambo.