NGOSUKU lwesithathu abasebenzi bakaMasipala weTheku bechitha udoti emigwaqweni ngoba bekhala ngokuhola imali encane, umasipala umemezele ukuthi usuthole incwadi yasenkantolo evimbela laba basebenzi ukuba bateleke.
Abasebenzi baseThekwini baqale ukuteleka ngoLwesibili (27 Febhuwari) ngoba bethi imiholo yabo ayilingani neyozakwabo abasebenza kwabanye omasipala abakhulu.
Bathe amaholo abo ashoda ngo-R3 000 emalini etholwa ozakwabo abenza umsebenzi ofanayo kwabanye omasipala abakhulu.
Esitatimendeni esithunyelwe kwabezindaba, uMasipala weTheku uthe uthole incwadi evimbela abasebenzi ukuba bateleke ngoba efuna ukugcina abantu bephephile nokuvikela ingqalasizinda.
Uzwakalise ukuthi ukhathazekile ngodlame, ukusatshiswa kwabantu nokucekelwa phansi kwengqalasizinda okwenziwa ngabasebenzi abatelekile.
Incwadi yasenkantolo, ivimbela abasebenzi abatelekile futhi abangamalungu eSouth African Municipal Workers Union (Samwu), ukuba baphazamise ozakwabo abasebenzayo nokuthi baphule umthetho.
Iyabavimba ukuthi basabise noma bahlasele abangatelekile futhi kuthiwe abaqhubeka nokusabisa abanye, nokuceleka phansi impahla yokusebenza bazoqondiswa ubugwegwe.
Kuyalelwe abasebenzi ukuthi balandele okubhalwe ezinkontilekeni zabo. Bayalelwe ukuba bangavimbi izimoto zikamasipala futhi bangabeki engcupheni ukuphepha kwezakhamuzi zeTheku nabanye abasebenzi. Abaphambana nale miyalelo bazoqondiswa ubugwegwe.
Umasipala uthe azikho izikhalo osuzitholile ezivela kwiSamwu kodwa yaphakamisa ukuthi iTheku kufanele lingabe lisakleliswa esigabeni sesishiyagalombili kodwa likleliswe esigabeni sika-10, ukuze amaholo abasebenzi ahambisane nawozakwabo abasebenzela omasipala abakhulu.
Uthe uyahambisana nokuxazulula zonke izikhalo zabasebenzi eziphakanyiswa ngendlela efanele elandela umthetho.
Uphethe ngokuthi usunxuse amaphoyisa ukuba abophe abaphula umthetho, nabahlukumeza abantu abasebenzisa imigwaqo yeTheku.
Ngeminye imibuzo Isolezwe liyalelwe ukuba lifunde isitatimende sokuthi umasipala uthole incwadi evimbela isiteleka.
Izolo Isolezwe libone abasebenzi abatelekile eSpringfield kodwa bebengafuni ukukhuluma nezintatheli bezisabisa ngokuzishaya.
Baqhubekile abasebenzi abatelekile nokuvimba imigwaqo yeTheku ngokusaphaza udoti, isihlabathi nenye imfucuza, phezu kokuba umasipala esethole incwadi evimbela isiteleka.
UMnuz Siyabonga Dladla onguSihlalo weSamwu eThekwini, uthe bazohlala phansi namalungu abo ukuze bahlahle indlela eya phambili ngalolu daba lwencwadi evimbela isiteleka.
Uthe akusilo iqiniso ukuthi umasipala akazazi izikhalo zabo ngoba ngoSepthemba ngonyaka odlule bamashela umasipala bashiya nohlu lwezikhalo.
Uveze ukuthi namanje bamazisile ukuthi abaneme ngodaba lokukleliswa kweTheku esigabeni sesishiyagalombili.
UNksz Queen Mbatha oyiPhini likaMengameli we-Independent Municipal and Allied Trade Union (Imatu), obuye abe nguSihlalo wayo eThekwini, uthe ayisiyo ingxenye yesiteleka.
“Amalungu e-Imatu ayasebenza kodwa inkinga wukuthi awaphephile. Siwubhalele umasipala siwazisa ngalokhu ngoba amalungu ethu akhishwa ngisho ezimotweni zikamasipala uma eyosebenza. Asazi ukuthi isiteleka ngesani, asihlangene naso. Siyafisa kuqiniswe umthetho njengoba sekunencwadi evimbela isiteleka. Abaphula umthetho mababoshwe,” kusho uNksz Mbatha.