UMNYANGO wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal ukhiphe isexwayiso ngesimo sezulu esingesihle kusukela ngeSonto emini.
Ngokombiko okhishwe ngabeSouth African Weather Services, kulindeleke imvula enamandla nengadala izikhukhula ezindaweni ezahlukene esifundazweni kusukela ngehora lokuqala emini kuze kube maphakathi nobusuku.
Lesi isexwayiso siqondiswe kakhulu kubantu abakhele imikhandlu eyehlukene okubalwa kuyo Abaqulusi, i-Alfred Duma, Dr. Nkosazana Damini-Zuma, Underberg, eDumbe, eMadlangeni, Endumeni, Greater Kokstad, Impendle, Ingwe, Inkosi Langalibalele - Escourt, Mkhambathini, Mpofana - Giants Castle, Mooi River, Msinga, Nkandla, Nquthu, Richmond, Msunduzi, Ubuhlebezwe, Ulundi, uMngeni, uMshwathi, UMuziwabantu, Umvoti, Umzimkhulu, uPhongolo.
Umnyango unxusa izakhamuzi ukuba zigweme ukuzama ukuwela imifula uma ibonisa ukugcwala, nabashayeli baqaphele ikakhulukazi emigwaqweni engemihle nabasezindaweni zasemakhaya baqinisekise ukuthi bathuthela imfuyo yabo endaweni ephephile.
UMphathiswa walo mnyango uNkk Bongiwe Sithole Moloi unxusa izakhamuzi ukuba zigweme kuhamba ebusuku njengoba sekukhishwe lesi sexwayiso.
Uthi kukhulu ukukhathazeka ngesibalo sabantu abashonayo ngenxa yezimo ezidalwa ukushintsha kwesimo sezulu.
"Sisazama ukudlulisa isimo esibuhlungu sokudlula emhlabeni kwabantu abangaphezu kuka-20 eMnambithi, asifisi kube neminye imiphefumulo isilahlekelayo," kusho yena.
Ufisele abantu ukuphepha ngesikhathi bethokozela ukuhlukanisa unyaka.