ZIKUSHAYELE ihlombe izinhlaka ezilwa nobugebengu eNanda, ukuthelwa othulini kwamalungu amane eqembu lemigulukudi, iWest.
Lezi zinhlaka zikusho lokhu emuva kwesigameko sokuqothwa ngenhlamvu kwamalungu amane aleli qembu elihlupha umphakathi, asale enkundleni ngesikhathi litholene phezulu namaphoyisa ngoLwesibili, emgwaqweni uM4 Highway eMlaza.
Umsunguli weNtuzuma Neighbourhood Watch esisabalele emalokishini amaningi akhele iTheku, uMnuz Andile Jali uthe: “Kuhle uma sibona umthetho usebenza ngoba kuyiqiniso elingephikiswe ukuthi umphakathi awuhleli neze kahle. Uma ingalo yomthetho iphezu kwabo, sikushayela ihlombe thina lokho.”
Uveze ukuthi zisekhona izigameko zobugebengu eNanda, okukhomba ukuthi iWest ayikakawuyeki umbhidlango wayo, wokuhlalisa lubhojozi umphakathi.
Wenze isiphakamiso kubanikazi bezimoto ezikhokhelwa ngebanga ezilihambile ukuthi bambhekisise umuntu ngaphambi kokumqasha njengomshayeli.
“Babuye bazisebenzise ukwenza ubugebengu. Kokunye basebenzisane nemigulukudu, kube sengathi ifake izicelo zokuhanjiswa ndawana thize, umehluko kube ukuthi imoto ilokhu izulazula endaweni eyodwa,” kusho uJali, othe lokhu kufanele kubahluphe abanikazi bezimoto ukuthi kungani le moto ilokhu ijikajika endaweni eyodwa.
Uthe ukudutshulwa kwala malungu ngaseMlaza, kwakha isithombe sokuthi wonke amalokishi aseThekwini awaphephile.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, abasolwa bebefunwa amaphoyisa ngamacala ehlukene okubulala eNanda.
Uthe bafe emva kokuzama ukudubulana namaphoyisa kulo mgwaqo.
“Amaphoyisa ahlanganise ulwazi abeluthole mayelana nokuthi abasolwa bakuphi. Kuthe uma ebafica enxanxatheleni yezitolo, bavele babaleka ngemoto,” kusho uNetshiunda.
Uthe ngesikhathi esebafica emgwaqweni, bavele badubula, bebhekise kuwona.
“Ngesikhathi ezivikela, evikela nabanye abasebenzisi bomgwaqo, abuyisele ngenhlamvu nawo, bagcina bedubuleka, bafa bobane,” kusho uNetshiunda, othe akulimalanga phoyisa kulesi siwombe sokudubulana.
Uthe abasolwa batholwe nezibhamu ezintathu.
“Bebefunelwa amacala amathathu okubulala eNanda, amabili awokubulawa kwabantu ababili esigamekweni ngasinye esenzeke ngoMashi nango-Ephreli kuwo lo nyaka,” kuchaza uNetshiunda.