LIGUQE kungasekuhle icala lokufa kukaSenzo Meyiwa ngesikhathi iJaji uRatha Mokgoatleng lithuthana nommeli u-Advocate uThulani Mngomezulu obelisola ngobuqili.
UMeyiwa owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, wadutshulwa wabulawa ekubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo eVosloorus, eGauteng, ngo-2014. Bahlanu abalisa abashushiswayo okuthiwa banikwa itoho lokujuqa uMeyiwa.
Icala lisesigabeni lapho uMbuso ubiza khona ofakazi bawo bese bephekwa ngemibuzo abameli babamangalelwa uma beqeda. UMngomezulu ubepheka ngemibuzo ufakazi oyiphoyisa uConstable uJabulani Buthelezi ngesikhathi kusuka ingxabano.
Bekubangwa indaba yokuthi mangaki amaselula atholakala kummangalelwa wokuqala uMuzikawukhulewa Sibiya ngesikhathi eboshwa.
UMngomezulu uze wathi uzofaka isikhalo ngejaji athe alihambisi kahle izinto uma lisingethe udaba. Uthe uselinake izikhawu linakho ukuvuna uMbuso.
“Impela Nkosi yeNkanto ngisho njalo futhi ngimile emazwini ami. Kumanje ngilungisa isicelo ngaphansi komthetho u-317,’’ kusho uMngomezulu ebhoka.
UMngomezulu uthe ijaji liyathanda ukugxambukela futhi lihlangene noMbuso benza ubuqili. Kusuke isidumo esinamathambo emuva kwalokho, ijaji kwathi alimqede.
“Ungisola ngobuqili manje, ngihlangene kanjani noMbuso mina? Ungasebenzisi amagama ongeke uwamele, ungalokothi ngoba nginelungelo lokukumangalela. Kungenzeka awuqondi kahle umthetho. Ungehlisa isithunzi ungibeka izinsolo,’’ kusho ijaji.
Emuva kwalokho, kube sengathi kuyedlulwa odabeni kwayiwa ekhefini lesidlo sasemini nokuthe uma kubuywa ijaji laqala phansi labhoka liqhuba lolu daba, ijaji lakhipha izichazamazwi ezintathu kwafunwa incazelo yegama elisetshenziswe wummeli.
Ijaji lifunde izincazelo ebeziveza ukuthi leli gama lichaza ukuhlangana ngobuqili. Ijaji laqhubeka labhoka lisho nokuthi selibikele abaphathi balo.
UMngomezulu ugcine esexolisa ethi uyawahoxisa amazwi akhe kodwa kwabonakala ukuthi ijaji belisadiniwe ngesikhathi kuguqa icala. Kuvunyelwane ngokuthi icala liguqele uMsombuluko. UMbuso uthe namuhla yiholidi kanti kusasa nangoLwesihlanu abekho ofakazi abazofika.