IZOBE ihanjelwe yizikhulu eziphezulu indumezulu yenkonzo yokwethulwa ngokusemthethweni kweNhloko yamaRoma kwisiFundabhishobhi saseThekwini, uMbhishobhi Mandla Siegfried Jwara.
Le ndumezulu yenkonzo izokuba kusasa e-Emmanuel Cathedral eThekwini. Kulindeleke izinkumbi zabazalwane baleli bandla.
Phakathi kwabalindeleke ukuthi babe yingxenye yayo nasebeqinisekisile ukuthi bazoba khona kubalwa laba balandelayo.
Owake waba yiPhini likaMengameli waseNingizimu Afrika, uNkk Phumzile Mlambo-Ngcuka, owabe eyiNhloko yamaJaji eNingizimu Afrika uMnuz Raymond Zondo, yiMeya yoMkhandlu waseThekwini uMnuz Cyril Xaba nosondonzima kwezamabhizinsi waseNingizimu Afrika ophinde abe nguMengameli wenhlangano eyengamele ibhola ezwenikazi i-Afrika, iConfederation of African Football (Caf), uMnuz Patrice Motsepe.
Le ndumezule yenkonzo kuzokhumbuleka ukuthi kwakumele ibe khona eminyakeni eyedlule ngesikhathi ethatha izintambo uMbhishobhi Jwara kodwa lokho kwangenzeka ngenxa yokhuvethe iCovid 19 eyayidla lubi ngaleso sikhathi.
Kule nkonzo kulindeleke nabazalwane baleli bandla abazobe bevela nakwezinye iziFundabhishobhi ezikhona eNIngizimu Afrika yonkana.
Kulindeleke nokuthi uMbhishobhi Jwara agixatshezwe ngenqwaba yezipho kwazise kuzophinde kugujwe nosuku lwakhe lokuzalwa.
UMLANDO:
Kafishane ngoMbhishobhi Mjwara uzalwe ngoFebhuwari 1 ngo-1957. Uzobe ehlanganisa iminyaka engu- 68 azalwa.
NgoFebhuwari 14, 1987 wagcotshwa ngokusemthethweni njengoMphristi ebandlani lamaRoma Akhatholika.
Ngo-Ephreli 30, 2016 wanikezwa isikhundla sokuba uVicar Apostolic waseNgwavuma.
NgoJuni 25, 2016 wagcotshwa ngokusemthethweni njengoMbhishobhi waleli bandla.
Kwathi ngo-Agasti 8, 2021 wabekwa njengeNhloko yamaRoma Akhatholika kwisiFundabhishobhi saseThekwini.
Uyilungu lombutho wamaRoma obizwa nge-The Congregation of the Missionaries of Mariannhill (CMM).