USIHLALO we-KZN Men’s Sector obuye abe yiphini lomqondisi eMangosuthu University of Technology (MUT), obhekelele inhlalonhle nokuthuthukiswa komphakathi, uDkt Mfanozelwe Shozi, uthi impilo esheshayo nokuthanda ubucwebe ngezinye zezinto ezenza abantu abasha bangene ebugebengwini.
Usho kanje uShozi osebenza nafabana abasebancane ngenhloso yokubasiza ekutheni bakhule babe ngamadoda emizi kusasa. Uphawule kanje ngemva kwezigigaba ezisematheni okuthiwa zenziwa yiqembu lezigelekeqe eliphethwe ngabafana abancane elaziwa nge-West Gang, elizinze eNanda, nakwamanye amalokishi akhelene nayo.
Ekhuluma neSolezwe, uthe ukuthanda kwentsha impilo ewubukhazikhazi kunomthelela omkhulu ekutheni ingene igamanxe ebugebengwini.
“Impilo ewubukhazikhazi idobela intsha ebugebengwini. Izingubo zikanokusho, ukufisa ukuhamba ngezimoto ezibizayo kwenza abantu abasha bafune impilo enqamulelayo. Okunye okunomthelela kakhulu yindlela umuntu akhuliswa ngayo. Abanye bakhulela ezindaweni ezibahlukumezayo, nokungabi bikho kobaba abaqotho abazokhulisa abantwana ngendlela eqondile,” kusho uShozi.
Uthe esinye isihlava ngesokuthi labo abasuke bephikisana nezenzo zobugebengu emiphakathini bayabulawa.
“Ukubulawa kwabaholi abaphikisana nobugebengu nodlame kwenza lezi zindawo zisale zingenabaholi, okugcina sekuba yikwampunz’ edla emini, engabi bikho umuntu okwazi ukukhuza nokukhulisa abafana.”
“Kuyenzeka ukuthi ingane iphile impilo abazali abangayazi ekhaya ibe yinhle kanti ngaphandle iyisilwane. Kukhona nalapho uthola ukuthi abazali bayazi ukuthi izingane zabo zenza ubugebengu kodwa bazithulele nje noma bazivikele.
“Noma bengangabona ukuthi yenzani ingane ngaphandle kodwa bayabubona ubukhazikhazi nendlela (ingane) esuke isiphila ngayo nohlobo lwabangani esuke isihamba nabo,” usho kanje.
Uthe nobubha bukhathula indima - okwenza intsha igcine isingene ebugebengwini ngoba ifuna ukulwa nendlala. Uthe kuyiqiniso elingephikiswe ukuthi ukududana kontanga nakho kunomthelela wokuthi intsha ingene ebugebengwini futhi unxusa amasonto, amaqoqo obulungiswa ezobugebengu ukuthi alwe nale nkinga ebhekene nezwe.
Khonamanjalo: Okhulumela uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo, uMnuz Singabakho Nxumalo, uthe amajele aseNingizimu Afrika, agcwele ngokweqile njengoba zingu-165 392 iziboshwa ezisezikhindini.
“Okusihlalisa kabuhlungu ukubona abantu abasha begcwele emajele. Izingane ezingaphansi kweminyaka engu-18 zingu-98, injejane yabaneminyaka esuka ku-18 kuya ku-20 - abesilisa bangu-5 576, abesifazane bangu-147.
“Uma ubheka intsha yona ingaphezu kuka-36 000. La macala bawaqala kancane, kungaba ukuthi bagqekezile noma bebile. Uma sebebuya okwesibili ejele, sebebuya ngecala lokubulala, ukudlwengula namanye amacala abucayi kakhulu okwenza kube nzima ukuthi bangene ezinhlelweni ezingakwazi ukubasiza,” kusho uNxumalo.
Uthe ukuhlangana kwabantu abasha babe namaqembu emigulukudu yiyo eyinkinga kakhulu ngoba itholakala emphakathini, iphinde izoziveza ngaphakathi ejele.
Uthe uma umuntu esefika ejele vele eseneqembu lemigulukudu, kuphazamisa indlela yokusebenza ngaphakathi ngoba uzothi kukhona la esethatha khona imiyalelo, akasayithathi ezikhulwini zasejele nakulabo abazomsiza ukuhlumelelisa isimilo.
UNxumalo ugcizelele ukuthi akukho lula ukuphuma ebugebengwini. Uthe uma unenhlanhla, uya ejele njengoba iningi ligcina ngokuphelela egodini.