IZIPHENDULELE i-EFF esitatimendeni esenziwe yiKhomishini elwela amaLungelo aBantu, iSouth African Human Rights Commission (SAHRC) lapho isabisa khona ngokuliyisa eNkantolo yezokuLingana leli qembu lezepolitiki.
NgoLwesithathu, i-EFF izichithile izinsolo zale khomishini zokuthi yona (i-EFF) iphehla udlame futhi yenze inkulumo enenhlese yokucwasa ngesikhathi ibambe ingqungquthela yokukhetha ubuholi eWestern Cape, ngenyanga edlule.
Esitatimendeni esikhishwe ngoLwesithathu, ikhomishini ithe izofaka umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, eNkantolo yezokuLingana uma kuphela izinsuku eziyishumi engaxolisile aphinde ahoxise amagama akhe awenze ngesikhathi ekhuluma engqungqutheleni.
Ikhomishini ithe inenkinga nesitatimende saMalema lapho abuza khona ukuthi kungani uMandela waphakamisa isibhamu?
Kuthiwa uMalema wathi uMandela wagcina ethatha isibhamu ngoba siyafika isikhathi lapho kungasekho okunye okufanele kwenziwe ngaphandle kokubulala.
I-EFF izichithile izinsolo zekhomishini. Okhulumela i-EFF, uMnuz Sinawo Thambo uthe: “I-EFF iyazichitha izinsolo zekhomishini ngoba akusikho nje kuphela ukuthi sikholelwa ekutheni ikhomishini ayifundisekile kodwa izinsolo zayo azinasisekelo futhi zintula ulwazi ngomlando wezwe nezepolitiki.”
Uthe ikhomishini yehluleke yamancama ukuqondisisa umqondo obushiwo yisitatimende.