SEKUQUBUKE ukukhathazeka emndenini waku-ward 74 eTamboville, eLamontville, eThekwini, ngenxa yenkiyankiya obhekene nayo yokungatholi imali yesibonelelo yomzukulu ongasenabo abazali, ebhajwe kwababhekele izibonelelo iSouth African Social Security Agency (SASSA).
Owomndeni osekhulile, ocele ukuthi kugodlwe igama lakhe ukuze kuvikelwe umndeni wakhe, uthe inkinga ebhekene nomzukulu iqale ngo-2023 ngenkathi kuma ukukhishwa kwesibonelo sakhe sokuthi akasenabazali.
Lithe nakuba lokho kungabethusanga kangako ngaleso sikhathi ngenxa yokuthi kuyenzeka vele kumuntu oseneneminyaka ewu-18, okudingeka ukuthi afake isicelo kabusha uma kuwukuthi usuke engakawuphothuli u-matric, kepha kubaphatha kabi ukuthi ngisho sebebhalise kabusha - sekuze kuba yiminyaka emibili kunemali abangakayitholi.
"Sekuphele iminyaka emibili yonke sigqigqa emahhovisi abezenhlalakahle ukubheka ukuthi yini eyinkinga, kepha kunhlanga zimuka nomoya. Bahlale besithembisa ukuthi kuzolunga konke kodwa namanje lutho imali. Esikhundleni sokuthi basikhokhele imali yesibonelelo seminyaka emibili, nyakenye bavele basifakela eyonyaka owodwa kuphela, okuthe uma silandelela ukuthi kungani ingekho eyomunye unyaka - balokhu bethi asilinde kodwa kuze kuzoba yimanje akukho okuphathekayo olwenzekayo," kusho owomndeni.
Eqhuba, uthe kubaphatha kabi ukuthi ulokhu ehliswa enyuswa njalo ekubeni esekhulile ngeminyaka, kodwa kungekho okulungayo ngemali esele yomzukulu womfana (20), okumanje ufunda u-matric kwesinye sezikole zamabanga aphezulu eLamontville.
"Kuhlale kuthiwa angihambe, ngibuye nemininingwane ethile - ngenze njengoba kushiwo, kodwa lutho ukulunga kwezinto. Kwesinye isikhathi kuthi sengifikile, bangitshele ukuthi angilande imininingwane ethile ekhombisa ukuthi umzukulu wami usafunda, nalokho sengikwenzile kodwa ayikangeni le mali esikweletwa yona yonyaka wonke, okumele ibe ngaphezudlwana kuka-R12 000 esawuthola wonyaka wokuqala, ngoba phela manje le mali yesibonelelo isanda kunyuswa, isingaphezudlwana kuka-R1 000 ngenyanga," usho kanjena.
Ugogo , ohlala nabazukulu abane - kubalwa nalona onale nkinga, uthe sonke lesi sidididi senza asole ukuthi kunogcobho endleleni okusingethwe ngayo inkinga yakhe, athe akuqali ukuthi kube nento enjena emhluphayo njengoba kwake kwenzeka isimo esifana nalesi futhi eminyakeni eyisishiyagalolunye edlule.
"Kwake kwanzeka ukuthi imali yesibonelo sami sempesheni ingangeni cishe unyaka wonke, okwaze kwangenelela owayewuNgqongqoshe wokuThuthukiswa koMphakathi ngaleso sikhathi uNkk Bathabile Dlamini, kwayikhathii kulungiseka inkinga yami. Yingakho namanje ngisola ukuthi kukhona okungale kwengitshelwa khona ngalesi simo," kusho umntomdala.
Kuthintwa okhulumela iSASSA uNksz Sandy Godlwana uthe akazi lutho ngalolu daba, wacela ukuthi bathunyelelwe imininingwane ephelele yabathinteka kule nkinga ukuze kubhekwe ukuthi yikuphi okungenziwa ukubasiza enkingeni ababhekene nayo.