IMK ithi kusazophenduka amatafula KwaZulu-Natal, kukhishwe emandleni amaqembu ayikhipha inyumbazana ngesikhathi kuqokwa uhulumeni wobumbano KwaZulu-Natal.
IMK ithe uhulumeni wobumbano owakhiwe i-IFP, ANC, DA neNFP, ngeke uhlale isikhathi eside.
Lokhu bakusho ngesikhathi benemashi yokukhala ngemiphumela yokhetho abebeyibhekise eNkantolo eNkulu eMgungundlovu.
Kule mashi iMK ibikhala ngemiphumela yokhetho.
Osethimbeni lesikhashana elihola iMK esifundeni iMoses Mabhida, uMnuz Mzwandile Goge, uthe abantu baKwaZulu-Natal bavotela iMK ukuba iphathe isifundazwe.
UGoge uthe izofezeka maduze intando yabantu baKwaZulu-Natal yokuthi kuphathe iMK.
“Le sitokfela sesikhashana esiphethe lapha sizophela maduze. Ngicela nikhumbuze abantu abadala ukuthi bona bavotela iMK. Nibatshele ukuthi asimile, siyalwa.”
Umgqugquzeli weMK esifundeni iMoses Mabhida, uMnuz Reggie Ngcobo, uthe abafuni nokuyizwa ekahulumeni wobumbano ohlanganisa iDA.
“Ngeke sivume ukuphathwa uZille (usihlalo woMkhandlu weDA). Ngeke sivume ukuphathwa uSteenhuisen (umholi weDA).”
UNgcobo uthe basamile ekutheni kukhona amavoti eMK angazange abalwe.
Usho kanjana nje kunesikhulu senhlangano eyengamele ukhetho, i-Independent Electoral Commission (IEC), ebesivele eNkantolo yeMantshi eMgungundlovu, khona izolo.
Le sikhulu saboshwa emva kokutholwa sihambisa amaphepha okuvota singagadiwe amaphoyisa.
Izolo inkantolo izwe izethulo zabameli bommangalelwa nabe-IEC abathe icala kufanele liyolalelwa eNkantolo yezoKhetho, abeMK bona bafuna ukuthi liqhubeke khona eNkantolo yeMantshi.
Inkantolo izonquma namhlanje ukuthi icala lizoqhubeka eNkantolo yeMantshi noma lizodluliselwa eNkantolo yezoKhetho.
UNgcobo uthe ukuboshwa kwale sikhulu kufakazela lokhu abakushoyo ukuthi ukhetho lwalungakhululekile.
“Kwasimangaza ukuzwa i-IEC ithi ukhetho belukhululekile ekubeni kunamacala asezinkantolo. Kazi bathini ngalesi sigebengu ebesivela lapha namhlanje.”
UNgcobo uthe bafuna ukuthi umengameli wamaJaji KwaZulu-Natal, uThoba Portia Poyo-Dlwathi, achithwe ekubeni ijaji.
“Kwakufanele alinde kuze kuphele amacala. Manje yena wavele wajaha ukuthi kukhethwe.”
UNgcobo uthe uPoyo-Dlwathi kwakungafanele ahlalise umhlangano wokukhetha undunankulu waKwaZulu-Natal ekubeni kusenecala elisenkantolo.
Uthe nenhloko yamaJaji, uRaymond Zondo, kwakungafanele ahlalise umhlangano wokuqoka umengameli.
IMK ihambise uhlu lwezikhalo ethe ifuna lubhekwe iphini lenhloko yamaJaji, uMandisa Maya.
“Asimthembi uZondo, ingakho sifuna ukuthi kube iJaji Maya eliphenyayo.”