UMNDENI wakwaSibiya eMkhuze awusabulali ubuthongo emuva kokuduka kwendodakazi yawo ngeSonto.
UYoliswa (8) wagcina ukubonakala emini edlala nezinye izingane emgwaqweni ongaphandle kwakubo.
Unina kaYoliswa, uNksz Jabu Duma, uthe abehli ngisho ubuthongo ngenxa yokungazi ukuthi indodakazi yakhe ikuphi.
UNksz Duma uthe uYoliswa waphuma ekuseni njengenjwayelo wayodlala nabangani bakhe. Uthe kusolakala ukuthi wathathwa yimoto emnyama iVW Polo eyadlula lapho babedlala khona
“Ezinye izingane zithi kwaqhamuka imoto, kwavela owesilisa owazibiza ngobaba wabo wazibiza ukuthi zizothatha uswidi. Ezinye zabaleka kodwa wambamba uYoliswa wamfaka emotweni washaya wachitha naye,” kusho uNksz Duma.
Umndeni ulubike ngeSonto ebusuku udaba emaphoyiseni.
UNksz Duma uthe kulahleke nenye ingane khona endaweni yaseMkhuze okusolwa ukuthi nayo ithathwe yiyo iPolo emnyama.
“Kukhona nomunye umntwana oduke ngendlela efanayo. Enye yasinda sebezoyifaka emotweni kodwa kwaqhamuka omunye wesifazane owabuza lo owayepake emgwaqweni nge Polo emnyama ukuthi uyenzani ingane wabe eseyidedela,” kusho uNksz Duma.
Uyise kaYoliswa, uMnuz Venda Sibiya obengahlali naye, uthe ukhathazeke kakhulu ngokulahleka kwendodakazi yakhe.
Uphiko lwamaphoyisa oluphenya ngodlame lomndeni, ukuvikelwa kwezingane namacala athinta ucansi eJozini, lunxuse umphakathi ukuthi ulekelele ngemininingwane engaholela ekutheni kutholwe uYoliswa owagcinwa ukubonakala egqoke ingubo e-pink ehamba ngezinyawo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Thulani Zwane, ucele bonke abangaba nolwazi mayelana nokulahleka kukaYoliswa ukuba baxhumane noSgt QX Mdluli ku-073 742 3363 noma * Lt-Col Nyawo ku-082 458 5592 noma bashayele amaphoyisa ku-08600 10111.