KUXWAYISWA izigebengu ukuthi zingalokothi zigcweleze emabhishi nasenkabeni yedolobha eThekwini, ngamaholidi kaDisemba, ngoba zizolitheza olunenkume.
Lokhu kushiwo okhulumela amaphoyisa kaMasipala waseThekwini, uSuperintendent Boyzie Zungu.
UZungu uthi bazotshala inqwaba yamaphoyisa emabhishi, enkabeni yedolobha, kothelawayeka nasezindaweni zobumnandi ukuqapha ubugebengu.
Uthe bazosebenza ngokubambisana nezinhlaka zezokuphepha ezinhlobonhlobo kuhlanganisa nezinkampani zonogada.
”Izigebengu zingalokothi zizame ukubamba inkunzi, zikhuthuze izivakashi ngoba sizozibopha. Umthetho uzoqina, futhi sizoba nezivimbamgwaqo ezindaweni ezihlukahlukene,” kusho uZungu.
UZungu uthe bazozalelwa yinja endlini abazobe bephuza utshwala emabhishi nalabo abazobe beshayela bedle amanzi amponjwana.
Udalule ukuthi imigwaqo eminingi engenela emabhishi izofakwa amasango azobe elawulwa ngamaphoyisa.
“Ezokuthutha zomphakathi zizothulula abantu ezindaweni ezizobe zihlelelwe lokho, bese sibathatha ngamabhasi kamasipala sibafake emabhishi. Izingane ezincane zizofakwa amabhande ezihlakaleni azobe enemininingwane yabazali bazo. Senzela ukuthi kube lula ukubahlanganisa uma sebedukelene,” kusho uZungu.
NgoLwesine, kulindeleke ukuthi lo mkhandlu wamukele amaphoyisa amasha angu-40 asephothule uqeqesho lwawo emakolishi ombutho wamaphoyisa.
UZungu uthe kuyicala ukuphuza utshwala ebhishi futhi kuwukuphula umthetho ukutholakala usulele noma ngabe isemotweni.
Udalule ukuthi abantu bangahamba ngezinyawo, bazijabulise kuze kuse kodwa osefikelwe ubuthongo, aye ekhaya.
“Kuwukuphula umthetho wedolobha ukuphuza utshwala ebhishi. Kuphuzelwa kuphela ezindaweni ezibudayisayo, olwandle umuntu afike engabuphethe. Kuzobe kuphithizela amaphoyisa emabhishi nasedolobheni futhi sizobe silekelelwa nangamakhamera azobe eveza konke okwenzakalyo agcwele yonke indawo,” kusho uZungu.
Ngempelasonto, amaphoyisa abophe abasolwa abathathu okuthiwa bagwaze amanxeba amaningi babulala owesilisa ebhishi laseThekwini. Lawa madoda kuthiwa agwaze noyise kamufi walimala.
La madoda kuthiwa abanjwe ngokuphazima kweso emuva kwesehlakalo, athweswa icala lokubulala nelokuzama ukubulala. Bekulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngala macala.